Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 18:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Nxa benecala, bayeza kimi; ngiyakwahlulela phakathi kwabo, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Uma benendaba, beza kimi; ngiyahlulela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Uma kunodaba phakathi kwabo, beza kimi ukuba ngahlulele phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, bese ngibatshela imithetho nezimiso zikaNkulunkulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 18:16
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abisalomu wathi kuye: “Bheka, izindaba zakho zinhle, zilungile; kepha akakho owabelwe inkosi ukuba akulalele.


Futhi noma yisiphi isizathu enisithola sivela kubafowenu abahlala emizini yabo, phakathi kwegazi negazi, phakathi komthetho nomyalo, izimiso nezahlulelo, kumelwe ubaxwayise ukuba bangaphambuki kuJehova, bese nifikelwa ulaka, mayelana nabafowenu: yenzani lokhu, futhi aniyikweqa.


Uma ngilidelele ilungelo lenceku yami noma lencekukazi yami lapho bexabana nami;


Wayesethi umukhwe kaMose kuye: “Ayiyinhle le nto oyenzayo;


Esephuma ngosuku lwesibili, bheka, amadoda amabili amaHeberu ephikisana omunye komunye, wathi kowonileyo: “Umshayelani umngane wakho na?


Deda endabeni yamanga; futhi ungambulali ongenacala nolungileyo, ngoba ngeke ngithethelele omubi.


Wathi kumalunga: “Hlalani lapha ngenxa yethu, size sibuyele kini; bhekani, o-Aroni noHure bakini; uma umuntu enento yokwenza, makeze kubo.


Uyakukhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo othuka uNkulunkulu wakhe uyakuthwala isono sakhe.


Khona-ke uJehova wathi kuMose: “Lowo muntu kumelwe abulawe nokubulawa; inhlangano yonke iyakumkhanda ngamatshe ngaphandle kwekamu.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.


Ukhona yini kini othi enendaba nomunye olokothayo ukuya enkantolo kwabangalungile, kungabi kwabangcwele na?


Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo, njengalokho uJehova uNkulunkulu wami engiyalile, ukuba nenze kanjalo ezweni eningena kulo ukulidla.


UMose wabiza wonke u-Israyeli, wathi kubo: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zenu namuhla ukuba nifunde, nizigcine, nizenze.


Nansi imiyalo, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu aniyala ngakho ukuba nizifundiswe, nizenze ezweni eningena kulo ukulidla;


Kepha mina, kwangathi uNkulunkulu angangivimbela ukuba ngoni kuJehova ngokuyeka ukunithandazela; kodwa ngizonifundisa indlela enhle nelungile.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka