UBarizilayi wayesemdala kakhulu, eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; wayepha inkosi ukudla isahlezi eMahanayimi; ngoba wayengumuntu omkhulu kakhulu.
1 Samuweli 9:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakukhona umuntu wakoBhenjamini ogama lakhe linguKishi, indodana ka-Abiyeli, indodana kaSerori, indodana kaBegorati, indodana ka-Afiya, umBenjamini, iqhawe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwakukhona umuntu wakwaBenjamini ogama lakhe lalinguKishi indodana ka-Abiyeli kaSerori kaBekhorati ka-Afiya, indodana yowakwaBenjamini, iqhawe elinamandla. IsiZulu 2020 Kwakukhona umuntu kwaBhenjamini ogama lakhe kunguKishi, indodana ka-Abhiyeli kaZerori kaBhekhorathi ka-Afiya, indodana yowakwaBhenjamini, iqhawe elinamandla. |
UBarizilayi wayesemdala kakhulu, eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; wayepha inkosi ukudla isahlezi eMahanayimi; ngoba wayengumuntu omkhulu kakhulu.
Kwakukhona esigodlweni saseShushani umJuda othile ogama lakhe linguMoridegayi indodana kaJayire kaSimeyi kaKishi wakwaBenjamini;
Impahla yakhe yayiyizinkomo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa ezinkomo angamakhulu ayisihlanu, nezimbongolo ezingamakhulu amahlanu, nezinceku eziningi kakhulu; kangangokuthi lo muntu wayemkhulu kunabo bonke abantu basempumalanga.
Emva kwalokho bacela inkosi; uNkulunkulu wabanika uSawule indodana kaKishi, indoda yesizwe sakwaBenjamini, iminyaka engamashumi amane.
Basebegijima bamlanda khona; lapho emi phakathi kwabantu, wayemude kunabo bonke abantu kusukela emahlombe kuye phezulu.
Kwakukhona umuntu eMahoni omfuyo yakhe yayiseKarmeli; lowo muntu wayemkhulu kakhulu, enezimvu eziyizinkulungwane ezintathu nezimbuzi eziyinkulungwane; wayezigunda izimvu zakhe eKarmeli.