Ngasemuva uDavida wawatshaya amaFilisti, wawanqoba; uDavide wathatha iMetegama esandleni samaFilisti.
1 Samuweli 7:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Athotywa amaFilisti, akaba esangena emkhawulweni wakwa-Israyeli; isandla sikaJehova saba phezu kwamaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ayesahlulwa amaFilisti, awabe esaphinda ukungena emikhawulweni ka-Israyeli; isandla sikaJehova sasimelene namaFilisti zonke izinsuku zikaSamuweli. IsiZulu 2020 AmaFilisti ehlulwa; awaphindanga angena emingceleni yakwa-Israyeli ngezinsuku zonke zikaSamuweli. |
Ngasemuva uDavida wawatshaya amaFilisti, wawanqoba; uDavide wathatha iMetegama esandleni samaFilisti.
Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane.
Ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana; nempuco ayiyikuthinta ekhanda lakhe, ngokuba indodana iyakuba ngumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni; futhi uzoqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.
Kanjalo amaMidiyani athotshiswa phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, kangangokuthi abazange baphinde baphakamise amakhanda abo. Izwe lathula iminyaka engamashumi amane emihleni kaGideyoni.
UJehova wathuma oJerubali noBedani noJefta noSamuweli wanikhulula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala ngokulondeka.
Kwathi sebewuzuzile, isandla sikaJehova saba phezu komuzi ngokuchitha okukhulu kakhulu; izingxenye.