Kwase kubonakala imifula yamanzi, nezisekelo zomhlaba zambulwa ngokusola kwakho, Jehova, ngokufutha komoya wekhala lakho.
1 Samuweli 7:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 USamuweli esaletha umnikelo wokushiswa, amaFilisti asondela ukulwa no-Israyeli; banqotshwa phambi kukaIsrayeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USamuweli esanikela ngomnikelo wokushiswa, amaFilisti asondela ukulwa no-Israyeli; kepha uJehova waduma ngokuduma okukhulu phezu kwamaFilisti ngalolo suku, wawangquzula, abulawa phambi kuka-Israyeli. IsiZulu 2020 Kwathi uSamuweli esenza umnikelo wokushiswa, asondela amaFilisti ukuzolwa no-Israyeli. USimakade waduma ngezwi elikhulu ngalolo lusuku wamelana namaFilisti, wawafaka ukudideka, anqotshwa kanjalo ngu-Israyeli. |
Kwase kubonakala imifula yamanzi, nezisekelo zomhlaba zambulwa ngokusola kwakho, Jehova, ngokufutha komoya wekhala lakho.
Izwi likaJehova liphezu kwamanzi; uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma, uJehova uphezu kwamanzi amaningi.
Yasiphendula yakhuluma kimi, yathi: Leli yilizwi le Nkosi kuZerubabele, elithi: Kungabi ngamandla kumbe ngamandla, kodwa ngomoya wami, kutsho i Nkosi yamabandla.
UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; bayakuphumela kuwe ngandlelanye, bakubaleke ngezindlela eziyisikhombisa.
UJehova wabavusa phambi kuka-Israyeli, wababulala eGibeyoni ngokuceka okukhulu, wabaxosha endleleni ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.
UJehova wamsanganisa uSisera nazo zonke izinqola zakhe nempi yakhe yonke ngobukhali benkemba phambi kukaBaraki; uSisera wehla enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo.
Bakhetha onkulunkulu abasha; kwaba khona impi emasangweni; Kwakukhona isihlangu noma umkhonto phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?
Akuvunwa ukolweni namuhla na? Ngiyakumbiza uJehova, anise ukuduma nemvula; ukuze nibone, nibone ukuthi ububi benu bukhulu enibenzile phambi kukaJehova ngokuzicelela inkosi.
Kwase kuba khona ukuthuthumela phakathi kwempi, endle, naphakathi kwabantu bonke;
Abamelene noJehova bayochotshozwa; esezulwini uyakuduma phezu kwabo; uJehova uyakwahlulela imikhawulo yomhlaba; iyakunika inkosi yayo amandla, iphakamise uphondo logcotshiweyo wayo.
Amadoda akwa-Israyeli aphuma eMispa, awaxosha amaFilisti, awabulala, aze afika phansi kweBeti Kari.