Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 7:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 USamuweli wathatha iwundlu elincelisayo, wanikela ngalo libe ngumnikelo wokushiswa kuJehova ngokuphelele; uSamuweli wakhuleka kuJehova ngenxa ka-Israyeli; uJehova wamuzwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 USamuweli wathatha iwundlu elincelayo, wanikela ngalo libe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova; uSamuweli wamkhalela u-Israyeli kuJehova; uJehova wamphendula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 USamuweli wathatha iwundlu elisancelayo, wanikela ngalo laba ngumnikelo wokushiswa wonke kuSimakade; uSamuweli wamkhulekela u-Israyeli kuSimakade, uSimakade wamphendula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 7:9
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Futhi ungibize ngosuku lwenhlupheko: ngizakusindisa, njalo uzangidumisa.


OMose no-Aroni phakathi kwabapristi bakhe, noSamuweli phakathi kwababiza igama lakhe; bambiza uJehova, wabaphendula.


Wayesethi uJehova kimi: “Noma oMose noSamuweli babemi phambi kwami, nokho imicabango yami yayingenakubhekisa kulaba bantu; zilahle ebusweni bami, ziphume.


Lapho inkomo noma imvu noma imbuzi kuzalwa, kumelwe kube ngaphansi kukanina izinsuku eziyisikhombisa; kusukela osukwini lwesishiyagalombili kuqhubeke uyakuba ngumnikelo womlilo kuJehova.


Ngakhuleka kuJehova ngathi: ‘Nkosi Jehova, ungabhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho owalikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.


Vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla amakhulu.


Wakhele uJehova uNkulunkulu wakho i-altare esiqongweni saleli dwala endaweni emisiweyo, uthathe inkunzi yesibili, unikele ngomnikelo wokushiswa ngezinkuni zehlathi oyakugawula.


Lapho amadoda omuzi evuka ekuseni kakhulu, bheka, i-altare likaBhali laligumbuqelwe, nesihlahla esasiseduze kwalo sigawuliwe, nenkunzi yesibili inikelwa phezu kwe-altare elalakhiwe.


Kumelwe wehlele phambi kwami eGiligali; bheka, ngiza kini ukunikela ngeminikelo yokushiswa nokuhlabela iminikelo yokuthula; uyakuhlala izinsuku eziyisikhombisa ngize ngifike kuwe, ngikutshele omelwe ukwenze.


Akuvunwa ukolweni namuhla na? Ngiyakumbiza uJehova, anise ukuduma nemvula; ukuze nibone, nibone ukuthi ububi benu bukhulu enibenzile phambi kukaJehova ngokuzicelela inkosi.


USamuweli wasesithi: Ngingahamba njani? uma uSawule ekuzwa lokhu, uyakungibulala. Wayesethi uJehova: “Thatha ivesi uhambe nawe, uthi: ‘Ngize ukuhlabela uJehova.


Ngiyakuzivusela umpristi othembekileyo oyakwenza njengokusenhliziyweni yami nasengqondweni yami; ngiyakumakhela indlu eqinile; futhi uyohamba phambi kogcotshiweyo wami kuze kube phakade.


Wayebuyela eRama; ngoba yayikhona indlu yakhe; wayala khona u-Israyeli; wamakhela khona uJehova i-altare.


Baphendula bathi: “Ukhona; bhekani, uphambi kwenu; sheshani, ngokuba ifikile namuhla emzini; ngoba namuhla kukhona umhlatshelo wabantu phezulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka