USarayi wasesithi kuAbrama: Ububi bami buphezu kwakho; nginikele incekukazi yami esifubeni sakho; lapho ebona ukuthi ukhulelwe, ngadeleleka emehlweni akhe; uJehova makahlulele phakathi kwami nawe.
1 Samuweli 24:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyakwahlulela phakathi kwami nawe, uJehova angiphindisele kini; kepha isandla sami asiyikuba phezu kwakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova makahlulele phakathi kwami nawe, uJehova angiphindisele kuwe, kepha isandla sami asiyikuba phezu kwakho. IsiZulu 2020 USimakade makehlulele phakathi kwami nawe; uSimakade angiphindiselele kuwe, kodwa isandla sami asiyukuba phezu kwakho. |
USarayi wasesithi kuAbrama: Ububi bami buphezu kwakho; nginikele incekukazi yami esifubeni sakho; lapho ebona ukuthi ukhulelwe, ngadeleleka emehlweni akhe; uJehova makahlulele phakathi kwami nawe.
UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu kayise wabo, makahlulele phakathi kwethu. UJakobe wafunga ngokwesaba kukayise u-Isaka.
Umoya wehlela phezu kuka-Amasayi owayeyinduna yezinduna, wathi: “Singakuwe, Davide, singakuwe, ndodana kaJese; ukuthula, ukuthula kube kuwe, nokuthula kubasizi bakho; ngoba uNkulunkulu wakho uyakusiza. UDavide wabamukela, wabenza abaholi beviyo.
Ngahlulele, Nkulunkulu, ungivikele esizweni esibi; ngikhulule kumuntu onenkohliso nongalungile.
Jehova Nkulunkulu, ngeyakhe impindiselo; O Nkulunkulu, ongowakhe impindiselo, zibonise Wena.
Bathandekayo, ningaziphindiseli nina, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela; ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.
owathi ethukwa, akaphindanga athuke; lapho ehlupheka, akasongelanga; kodwa wayezinikele kuye owahlulela ngokulunga.
Base bememeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Nkosi, ongcwele noqinisileyo, ungahluleli uphindisele igazi lethu kwabakhileyo emhlabeni na?
Ngakho mina kangonanga kuwe, kodwa wena wenza okubi kimi ngokulwa lami; uJehova uMahluleli uzakwahlulela lamuhla phakathi kwabantwana bakoIsrayeli labantwana bakoAmoni.
UDavide wabaleka eNajoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: “Ngenzeni na? ububi bami buyini na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?
UJehova makabe ngumahluleli nomahluleli phakathi kwami nawe, abheke, amele indaba yami, angisindise esandleni sakho.
UJehova uyabuyisela, kube yilowo nalowo ukulunga kwakhe nokuthembeka kwakhe, ngokuba uJehova ukunikele esandleni sami namuhla, kepha angithandanga ukwelulela isandla sami kogcotshiweyo kaJehova.