UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningethusile, ngokungenza nginuke phakathi kwabakhileyo ezweni, phakathi kwamaKhanani namaPherizi; futhi ngimbalwa ngenani, bazongibuthanela futhi bangibulale; ngiyakuchithwa, mina nendlu yami.
1 Samuweli 13:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wonke u-Israyeli wezwa ukuthi uSawule uchithe ikampu yamaFilisti nokuthi u-Israyeli unengeka kumaFilisti. Abantu babizelwa ndawonye ukuba bamlandele uSawule eGiligali. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wonke u-Israyeli wezwa kuthiwa uSawule uchithile ikhanda lamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu babuthwa ukuba bamlandele uSawule, baye eGiligali. IsiZulu 2020 U-Israyeli wonke wezwa ukuthi uSawule ubhubhise impi yamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu baqoqana ukuba balandele uSawule, baye eGiligali. |
UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningethusile, ngokungenza nginuke phakathi kwabakhileyo ezweni, phakathi kwamaKhanani namaPherizi; futhi ngimbalwa ngenani, bazongibuthanela futhi bangibulale; ngiyakuchithwa, mina nendlu yami.
nithi: ‘Umsebenzi wezinceku zakho kwasebusheni bethu kuze kube manje wawunezinkomo, thina nawobaba, ukuze nihlale ezweni laseGosheni; ngoba bonke abelusi bayisinengiso kwabaseGibhithe.
Babona oonyana baka-Amoni ukuthi bazinukisile phambi kukaDavide, oonyana baka-Amoni bathumela baqasha ama-Aram aseBetirehobhi nama-Aram aseTsobha, amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili angumqikela;
Basebesithi kubo: INkosi izalibona, ilihlulele; ngokuba nenze iphunga lethu laba yisinengiso emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe, ukubeka inkemba esandleni sabo ukuba basibulale.
Ngabulala abelusi abathathu ngenyanga eyodwa; umphefumulo wami wanengwa yizo, zanengwa nami.
INkosi yasisithi kuJoshuwa: Lamuhla ngilethulile kini ihlazo leGibhithe. Ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iGiligali kuze kube namuhla.
Kumelwe wehlele phambi kwami eGiligali; bheka, ngiza kini ukunikela ngeminikelo yokushiswa nokuhlabela iminikelo yokuthula; uyakuhlala izinsuku eziyisikhombisa ngize ngifike kuwe, ngikutshele omelwe ukwenze.
U-Akhishi wamkholwa uDavide, wathi: “Wenzé abantu bakhe u-Israyeli baba yisinengiso kuye; ngalokho uyakuba yinceku yami kuze kube phakade.