1 Samuweli 10:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nina nimlahlile namuhla uNkulunkulu wenu, owanisindisa kuzo zonke izinhlupheko zenu nezinsizi zenu; laselisithi kuye: Hatshi, kodwa sibekele inkosi phezu kwethu. Manje zimiseni phambi kukaJehova ngokwezizwe zenu nangezinkulungwane zenu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu, yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu, nishilo nathi: ‘Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu.’ Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.” IsiZulu 2020 Kodwa nina namhlanje nimlahlile uNkulunkulu wenu, owanisindisa ezingozini zonke, nasezinsizini, nithe kuye: ‘Beka inkosi phezu kwethu, isibuse.’ “Ngakho-ke manje, yimani phambi kukaSimakade ngokwezizwana zenu nangemindeni yenu.” |
Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.
Kodwa inyanga yonke, ize iphume emakhaleni enu, ibe yisinengiso kini, ngoba layidelela iNkosi ephakathi kwenu, lakhala phambi kwayo, lathi: Saphumelani eGibhithe?
Khuluma nabantwana bakwa-Israyeli, uthathe kubo induku ngokwezindlu zawoyise, kuzo zonke izikhulu ngezindlu zawoyise, izinduku eziyishumi nambili; bhala igama lawo wonke umuntu entongeni yakhe.
Uma ungena ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulidle, uhlale kulo, uthi: ‘Ngiyakumisa inkosi phezu kwami njengezizwe zonke ezingihaqileyo;
UJoshuwa wabutha zonke izizwe zakwa-Israyeli eShekemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, nezinhloko zabo, nabahluleli bakhe, nezinduna zabo; bazimisa phambi kukaNkulunkulu.
Wayesethi uGideyoni kubo: “Angiyikunibusa, nendodana yami ayiyikunibusa; uJehova uyakubusa phezu kwenu.
Lapho uSamuweli esesondeza zonke izizwe zakwa-Israyeli, kwathathwa isizwe sakwaBenjamini.
Lapho nibona ukuthi uNahashi, inkosi yabantwana bakwa-Amoni, uyeza ukulwa nani, nathi kimi: ‘Qha; kepha inkosi iyakusibusa, lapho uJehova uNkulunkulu wenu eyinkosi yenu.
Ngakho uJehova wakhulula u-Israyeli ngalolo suku, futhi impi yaqhubeka kwaze kwaba seBeti Aveni.
USawuli wasesithi: Sondelani lapha, zonke iziphathamandla zabantu, lazi, libone ukuthi siyini lesi sono lamuhla.
UJehova wabuye wabonakala eShilo, ngokuba uJehova wazibonakalisa kuSamuweli eShilo ngezwi likaJehova.
Ilizwi likaSamuweli lafika kuIsrayeli wonke. U-Israyeli waphuma ukulwa namaFilisti, wamisa e-Ebeni Ezeri; amaFilisti amisa e-Afeki.
Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli; baphendula bathi: Hatshi! kepha siyakuba nenkosi phezu kwethu;
Wathi kuye: “Bheka, usumdala, amadodana akho awahambi ngezindlela zakho; manje simisele inkosi ukuba isahlulele njengezizwe zonke.