Bakhuluma okuyize, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo, bakhuluma ngenhliziyo embaxa-mbili.
1 kuThimothewu 3:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokunjalo namadiyakoni amelwe ukuba nesizotha, angabi ndimimbili, angabi ngabanakwa kakhulu, angahaheli inzuzo embi; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokunjalo namadiyakoni* kufanele abe nesizotha, angabi ndimimbili, angabi ngabanaka kakhulu iwayini, angahaheli inzuzo embi, IsiZulu 2020 Ngokunjalo namadikoni kufanele abe ngahloniphekile, angabi nolimi olumbaxambili, angabi zinkolotshe zewayini, angayihaheli inzuzo embi, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokunjalo namadiyakoni amelwe ukuba nesizotha, angabi ndimimbili, angabi ngabanakwa kakhulu, angahaheli inzuzo embi; |
Bakhuluma okuyize, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo, bakhuluma ngenhliziyo embaxa-mbili.
Ngokuba akukho ukuthembeka emlonyeni wabo; ingaphakathi labo libi kakhulu; umphimbo wabo uyingcwaba elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.
Ungaliphuzi iwayini nophuzo olunamandla, wena namadodana akho kanye nawe, lapho ningena etendeni lokuhlangana, ukuze ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.
Umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; ngolimi lwabo basebenzisa inkohliso; ubuthi bezinyoka buphansi kwezindebe zabo;
UPawulu noThimothewu, izinceku zikaJesu Kristu, kubo bonke abangcwele abakuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni;
Ngakho umbhishobhi umelwe ukuba ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, eqaphile, eqondileyo, eziphatha kahle, ephatha kahle izihambi, enekhono lokufundisa;
Ongadakwanga iwayini, ongesiye oshayayo, ongahaheli inzuzo embi; kodwa ibekezele, ingabi yingxabano, ingabi ngabahahayo;
Ungabe usaphuza amanzi, kodwa sebenzisa iwayini eliyingcosana ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka bakho obuvamileyo.
Ngokuba umbonisi umelwe ukuba ngongasolekiyo, njengomphathi kaNkulunkulu; ongesiye othanda ubugovu, ongasheshi ukuthukuthela, ongadakwa, ongashayi, ongesiye inzuzo embi;
Ngokunjalo nabesifazane asebekhulile baziphathe ngendlela efanele ubungcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe abafundisi bokuhle;
Emlonyeni munye kuphuma isibusiso lesiqalekiso. Akufanele lokho, bazalwane bami, ukuba kube njalo.
Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, niwubheke, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; kungabi ngenzuzo eyichilo, kodwa ngenhliziyo evumayo;