Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 52:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ulimi lwakho luceba okubi; njengensingo ebukhali esebenza ngokukhohlisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ulimi lwakho lusongoza okubi njengempuco eloliweyo, wena owenza amacebo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Ulimi lwakho luhlale lusongoza amacebo amabi, njengensingo ebukhali, wena menzi wobubi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 52:2
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba umlomo wababi nomlomo wabakhohlisayo bangivulele; bakhulume ngami ngolimi lwamanga.


O Jehova, sindisa umphefumulo wami ezindebeni zenkohliso nasolimini lwenkohliso.


Umlomo wakho uwunikela ebubini, nolimi lwakho lufunga inkohliso.


Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama, futhi ngilala phakathi kwabashiswa umlilo, amadodana abantu amazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, nolimi lwabo luyinkemba ebukhali.


Bheka, bayaxokozela ngomlomo wabo; izinkemba zisezindebeni zabo; ngoba bathi ngubani ozwayo?


Bakhona abakhuluma njengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luphilile.


Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla isithelo salo.


Kukhona isizukulwane esimazinyo aso anjengenkemba namazinyo omhlathi anjengomese ukuba sidle abampofu emhlabeni nabampofu phakathi kwabantu.


Base bethi: “Wozani sicebe amacebo ngoJeremiya; ngokuba umthetho awuyikubhubha kumpristi, neseluleko sohlakaniphileyo nezwi lomprofethi. Wozani simshaye ngolimi, singanaki amazwi akhe.


Abapristi abakhulu namalunga nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu ukuze bambulale;


Kwathi emva kwezinsuku eziyisihlanu u-Ananiya umpristi omkhulu wehla kanye namalunga, nomkhulumeli othile uTertulu, bona bemangalele uPawulu kumbusi.


Ngoba siyitholile indoda le iyisixhwanguxhwangu, ibangela ukuvukela umbuso phakathi kwabaJuda bonke emhlabeni wonke, ingumkhokheli wehlelo lamaNazaretha.


Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezikhohlisayo, beziguqula abaphostoli bakaKristu.


Kodwa sizilahlile izinto ezifihlakeleyo zehlazo, kasihambi ngobuqili, singaphambanisi ilizwi likaNkulunkulu; kodwa ngokuveza iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.


Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: Manje isifikile insindiso, namandla, nombuso kaNkulunkulu wethu, namandla kaKristu wakhe; ebusuku.


Wayesephendula uDowegi wakwaEdomi owayemiswe phezu kwezinceku zikaSawule, wathi: “Ngabona indodana kaJese iza eNobi ku-Ahimeleki indodana ka-Ahithubi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka