Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kuThimothewu 3:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Phezu kwalokho umelwe ukunobufakazi obuhle kwabangaphandle; funa awele esihlazweni nasogibeni lukaSathane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Kufanele abe negama elihle kubantu abangesibo abebandla, funa ahlazeke futhi awele esihibeni sikaSathane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Phezu kwalokho umelwe ukunobufakazi obuhle kwabangaphandle; funa awele esihlazweni nasogibeni lukaSathane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kuThimothewu 3:7
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu;


Base bethi: UKorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, nodumo oluhle esizweni sonke samaJuda, uxwayiswe nguNkulunkulu ngengelosi engcwele ukuba akubize endlini yakhe, ezwe amazwi kwakho.


Njalo uAnaniya othile, indoda ekholwayo ngokomlayo, efakazelwa kuhle ngabaJuda bonke abakhileyo lapho.


Ngakho-ke, bazalwane, zifuneleni phakathi kwenu amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya oNgcwele nokuhlakanipha, esingawabeka phezu kwalo msebenzi.


Ningabakhubekisi amaJuda, nabezizwe, nakulo ibandla likaNkulunkulu;


Ngokuba nginamsebenzi muni ukuba ngahlulele nabangaphandle na? Anibahluleli yini abangaphakathi na?


Singakhubekisi ngalutho, ukuze inkonzo ingasoleki;


sinakekela okuhle, kungephambi kweNkosi kuphela, kodwa lasemehlweni abantu.


Hambani ngokuhlakanipha kwabangaphandle, nithengisise isikhathi.


ukuze nihambe ngokufaneleyo kwabangaphandle, ningasweli lutho.


angabi ngosafufusa, funa azikhukhumeze awele ekulahlweni kukaSathane.


Ngakho-ke ngithanda ukuba abesifazane abasha bagane, bazale, baphathe umuzi, banganiki isitha ithuba lokuthuka.


Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasogibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekubhujisweni nasekubhujisweni.


nokuba balulame ogibeni lukaSathane, ababanjwe nguye ngentando yakhe.


babe ngabaqondayo, abamhlophe, abagcina imizi, abalungile, abathobela amadoda abo, ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.


Inkulumo ephilileyo engenakulahlwa; ukuze ophambeneyo abe namahloni, engenalutho olubi angalusho ngani.


UDemetriyu ufakazelwa yibo bonke nayiqiniso uqobo lwalo; yebo, nathi siyafakaza; niyazi ukuthi ubufakazi bethu buqinisile.


Cha, madodana ami; ngokuba akusiwo umbiko omuhle engiwezwayo: nenza abantu bakaJehova ukuba baphambuke.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka