Amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.
1 kaPetru 5:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe; ngoba uyalikhathalela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela. IsiZulu 2020 niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela. Baasraak Zulu New Testament Bible Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe; ngoba uyalikhathalela. |
Amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.
Kepha mina ngimpofu nompofu; nokho uJehova uyangikhumbula: Wena ulusizo lwami nomsindisi wami; ungalibali, Nkulunkulu wami.
Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, uzakukuphasa; Akasoze avumela olungileyo antengantenge.
Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa ebukhulwini bakhe na?
Nizikhathazelani ngesambatho na? Cabangani ngeminduze yasendle, ukuthi imila kanjani; azikhandleki, aziphothi;
Ngakho ningakhathazeki nithi: Siyakudlani na? noma: Siyakuphuzani na? noma: Siyakwembatha ngani na?
Yena wayengemuva emkhunjini elele emqamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awukhathali ukuthi siyabhubha na?
Wasesithi kubafundi bakhe: Ngakho ngithi kini: Lingakhathaleli impilo yenu, ukuthi lizakudlani; noma ngomzimba ukuthi niyakwembathani.
Ngakho-ke uma ningenakukwenza lokho okuncane kakhulu, nizikhathazelani ngokunye na?
Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
UDavide wacindezeleka kakhulu; ngoba abantu babekhuluma ukumkhanda ngamatshe, ngoba imiphefumulo yabantu bonke yayinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa ngoJehova uNkulunkulu wakhe.