Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 kaPetru 5:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngakho zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esilamandla, ukuze azaliphakamisa ngesikhathi esifaneleyo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Ngakho zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esilamandla, ukuze azaliphakamisa ngesikhathi esifaneleyo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 kaPetru 5:6
41 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ubonile yini ukuthi u-Ahabi uyazithoba phambi kwami? ngokuba ezithobile phambi kwami, angiyikuletha okubi emihleni yakhe; kodwa ezinsukwini zendodana yakhe ngizakwehlisela ububi phezu kwendlu yakhe.


Ngokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaJehova, lapho usuzwile engikukhulume ngale ndawo nabakhileyo kuyo, ukuthi bayakuba yihlane nesiqalekiso, izingubo zakho zidatshulwe, zakhala izinyembezi emehlweni akho. Mina; nami nginizwile,” usho uJehova.


Lapho ezithobile, ulaka lukaJehova lwasuka kuye, kazange athande ukumbhubhisa ngokupheleleyo; nakwaJuda kwakuhamba kahle.


Kodwa abanye bako-Asheri lakaManase loZebuloni bazithoba bafika eJerusalema.


Kepha uHezekiya wamthobisa ngenxa yokuzidla kwenhliziyo yakhe, yena nabakhileyo eJerusalema, ulaka lukaJehova alubehlelanga ezinsukwini zikaHezekiya.


Lapho esosizini, wancenga uJehova uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wawoyise.


Nomkhuleko wakhe nokuthi uNkulunkulu wezwakala kanjani kuye, nazo zonke izono zakhe, neziphambeko zakhe, nezindawo akhe kuzo izindawo eziphakemeyo, wamisa iziqu zemithi engcwele nemifanekiso ebaziweyo, ngaphambi kokuba athotshiswe; bheka, kulotshiwe phakathi kwezahlulelo zababoni.


Akazithobanga phambi kukaJehova njengalokho wazithoba uManase uyise; kepha u-Amoni wona ngokwandayo.


Wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe, akazithobanga phambi kukaJeremiya umprofethi owakhuluma ngomlomo kaJehova.


Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe; ngubani ofundisa njengaye na?


Ngiyakunquma zonke izimpondo zababi; kepha izimpondo zabalungileyo ziyakuphakanyiswa.


Unengalo enamandla, isandla sakho sinamandla, isandla sakho sokunene siphakeme.


OMose no-Aroni bafika kuFaro, bathi kuye: “Isho kanje iNkosi uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ithi: Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? yekela abantu bami bahambe, ukuze bangikhonze.


Ngiyazi ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikunivumela ukuba nihambe, cha, kungengasandla esinamandla.


UMose wamncenga uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, ulaka lwakho luvuthelani abantu bakho owabakhipha ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esinamandla na?


Ukuzigqaja komuntu kuyamthobisa, kepha othobekileyo onomoya uyahlonishwa.


Amehlo omuntu aphakemeyo ayakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kuyakuthotshiswa, kube nguJehova yedwa ophakeme ngalolo suku.


Zonke izigodi ziyakuphakanyiswa, nazo zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; izindawo ezimangelengele ziyakwenziwa ziqonde, izindawo ezimangelengele zilingane;


Ngokuba usho kanje oPhezukonke, ohlala phakade, ogama lakhe lingcwele; ngihlala phezulu nasendlini engcwele, ngikanye nabadabukileyo komoya othobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, ngivuselele inhliziyo yabadabukileyo.


Yisho enkosini nasendlovukazini ukuthi: ‘Zithobeni, nihlale phansi, ngokuba ababusi benu bayakwehla, umqhele wodumo lwenu.


Abazange bajabhiswe kuze kube yilolu suku, futhi abesabanga futhi abahambanga ngomthetho wami nasezimisweni zami engazibeka phambi kwenu nawoyihlo.


Nentando yakhe yonke bayokuwa ezweni, futhi abaseleyo bayohlakazwa kuyo yonke imimoya; niyakwazi ukuthi mina Jehova ngikukhulumile.


Ngakho-ke, ndodana yomuntu, bubula ngokuphuka kwezinkalo zakho; babubule ngomunyu phambi kwamehlo abo.


Nawe, ndodana yakhe, Belishasari, awuzithobanga inhliziyo yakho, noma ukwazi konke lokhu;


Futhi nami ngahamba ngokumelene nabo futhi ngabaletha ezweni lezitha zabo; uma izinhliziyo zabo ezingasokile zithotshiswa, bese besamukela isijeziso sobubi babo;


Ukwazisile wena muntu, okuhle; UJehova ufunani kuwe ngaphandle kokuba wenze ukulunga nokuthanda uthando, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka na?


Nalowo oziphakamisayo uyathotshiswa; lalowo ozithobayo uzaphakanyiswa.


Wehlise abanamandla ezihlalweni zabo zobukhosi, wabaphakamisa abaphansi.


Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uyakuthotshiswa; lalowo ozithobayo uzaphakanyiswa.


Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kulomunye; lalowo ozithobayo uzaphakanyiswa.


Ngoba lapho sisebuthakathaka, ngesikhathi esifaneleyo uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu.


Siyayivusela umhawu iNkosi na? sinamandla kunaye na?


Impindiselo nokuphindisela kungokwami; unyawo lwabo luyokhubeka ngesikhathi esifanele, ngoba usuku lwenhlekelele yabo luseduze, futhi izinto ezibehlelayo ziyashesha.


owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi ngesikhathi esifaneleyo.


Kodwa ngesikhathi esifaneleyo ulibonakalisile ilizwi lakhe ngentshumayelo engiphathiswe yona ngokomlayo kaNkulunkulu uMsindisi wethu;


Zithobeni phambi kweNkosi, njalo izaliphakamisa.


Ngakho zehliseleni kuNkulunkulu. Melanani noSathane, khona uyakunibalekela;


Bazalwane bami, thathani abaprofethi abakhuluma egameni leNkosi, babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka