Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.
1 kaPetru 2:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 njengabakhululekileyo, njalo lingasebenzisi inkululeko yenu njengesigubuzelo sobubi, kodwa njengezinceku zikaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu. IsiZulu 2020 Nina ningabakhululekileyo, kodwa ningakwenzi ukukhululeka kwenu kube yisembozo sokubi, kepha ziphatheni njengezinceku zikaNkulunkulu. Baasraak Zulu New Testament Bible njengabakhululekileyo, njalo lingasebenzisi inkululeko yenu njengesigubuzelo sobubi, kodwa njengezinceku zikaNkulunkulu. |
Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.
Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zikaNkulunkulu, nisitholile isithelo senu kube ngubungcwele, nokugcina ukuphila okuphakade.
Ngakho yimani niqinile enkululekweni uKristu asikhulule ngayo, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
Ngokuba nina, bazalwane, nabizelwa enkululekweni; Kuphela ningasebenzisi inkululeko ibe yithuba enyameni, kodwa khonzanani ngothando.
kungabi ngokukhonza kwamehlo, njengabathokozisa abantu; kodwa njengezinceku zikaKristu, zenza intando kaNkulunkulu ngenhliziyo;
nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini, ngokuba nikhonza iNkosi uKristu.
Ngokuba asizange sibe namazwi athophayo, njengokuba nazi, noma sifihle ukuhaha; UNkulunkulu ungufakazi:
Kepha obheka emthethweni opheleleyo wenkululeko, aqhubeke kuwo, engesiye ozwayo okhohlwayo, kodwa umenzi womsebenzi, lowo uyakuba-busisiwe ekwenzeni kwakhe.
Khulumani kanjalo, nenze kanjalo, njengabazakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.
Ngokuba sekungene ngokunyenya abantu abathile, abamiselwa ngaphambili lokhukulahlwa ngaphambili, abangamesabi uNkulunkulu, abaphendula umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa uNkulunkulu wethu, neNkosi yethu uJesu Kristu.