Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseGalathiya 5:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngakho yimani niqinile enkululekweni uKristu asikhulule ngayo, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 UKhristu wasikhulula ukuze sibe ngabakhululekileyo. Ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngakho yimani niqinile enkululekweni uKristu asikhulule ngayo, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseGalathiya 5:1
42 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngibuyisele intokozo yensindiso yakho; futhi ungisekele ngomoya wakho okhululekile.


Thenga iqiniso, ungalithengisi; nokuhlakanipha nesiyalo nokuqondisisa.


UMoya kaJehova uphezu kwami; ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabathotshisiweyo; Wangithuma ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa itilongo;


Ngokuba babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kodwa bona ngokwabo abafuni ukuwanyakazisa nangomunwe wawo.


Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha; futhi zombili ziyalondolozwa.


Manje nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esingenamandla okulithwala na?


Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu, ngokuba aniphansi komthetho, kodwa niphansi komusa.


Senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zokulunga.


Ngakho-ke uma umyeni wakhe esekhona, uyakuthiwa isifebe, uma eba ngowenye indoda; ukuze angabi sisiphingi, noma engendela kwenye indoda.


Kepha manje sikhululiwe emthethweni, sesifile kulokho esasiboshwe yikho; ukuze sikhonze ngobusha bomoya, kungabi ngobudala bombhalo.


Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe; kodwa namukele uMoya wobuntwana, esimemeza ngaye sithi: Aba, Baba.


Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila kuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nokufa.


Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


Lindani, nime niqinile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.


Ngokuba obiziweyo yiNkosi eyisigqila, ungokhululekile weNkosi;


Ngokuba niyakubekezelela, uma umuntu enenza izigqila, uma umuntu enidla, uma umuntu ethatha kini, uma eziphakamisa, uma umuntu enishaya ebusweni.


Kepha iNkosi inguMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.


futhi ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa bengazi, abangena ngokunyenya ukuze bahlole ukukhululeka kwethu esilakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqili;


Kodwa ngemva kokuba ukholo selufikile, asisekho ngaphansi komfundisi.


Kodwa iJerusalema eliphezulu likhululekile, elingumama wethu sonke.


Ngakho-ke, bazalwane, asisibo abantwana besigqilakazi, kodwa singabokhululekileyo.


Kepha manje lokhu senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho naziwa nguNkulunkulu, senibuyela kanjani ezimisweni ezibuthakathaka neziwubala, enithanda ukubuye nibe yizigqila zazo na?


Ngokuba nina, bazalwane, nabizelwa enkululekweni; Kuphela ningasebenzisi inkululeko ibe yithuba enyameni, kodwa khonzanani ngothando.


Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifake isivikelo sesifuba sokulunga;


Kuphela ukuhamba kwenu makube njengokufanele ivangeli likaKristu, ukuze kuthi noma ngiza nginibona, noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu, ukuthi nime niqinile emoyeni munye, nganhliziyonye nilwela ukukholwa kweNkosi ivangeli;


Ngokuba manje siyaphila, uma nina nimi niqinile eNkosini.


Ngakho-ke, bazalwane, yimani niqine, nibambe amasiko enawafundiswa, noma ngezwi noma ngencwadi yethu.


Masibambe isivumo sokholo lwethu, singantengantengi; (ngokuba uthembekile lowo owethembisayo;)


Ngokuba senziwe abahlanganyeli bakaKristu, uma sibambelela ngokuqinile ekuqaleni kwethemba lethu kuze kube sekupheleni;


Kodwa uKristu njengendodana phezu kwendlu yakhe; esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nokuzibonga kwethemba kuze kube sekupheleni.


Ngakho lokhu silompristi omkhulu odabule emazulwini, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambe isivumo sethu.


njengabakhululekileyo, njalo lingasebenzisi inkululeko yenu njengesigubuzelo sobubi, kodwa njengezinceku zikaNkulunkulu.


Bebathembisa inkululeko, bona ngokwabo bayizigqila zokubhubha;


Bathandekayo, ngisenza inkuthalo yonke ukulibhalela ngensindiso esihlanganyelo ngayo, kwadingeka ukuba nginilobele, nginikhuthaze ukuba nilulwele kanzima ukholo olwanikelwa kwabangcwele kanye.


Kepha lokho eninakho kubambisiseni ngize ngifike.


Ngakho khumbula ukuthi wamukele wezwa njani, ubambelele, uphenduke. Ngakho uma ungalindi, ngizakuza kuwe njengesela, njalo kawusoze walazi ihola engizakuza ngalo phezu kwakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka