Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 5:12 - Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Jabulani nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanandulele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Jabulani, nithokoze ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaphrofethi abanenduleleyo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Jabulani nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanandulele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 5:12
51 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


Futhi nxa nizila ukudla, ningabi njengabazenzisi, ubuso obudangeleyo, ngokuba banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.


Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe! Bengithanda kangakanani ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukhukazi sibuthela amazinyane aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!


Thokozani ngalolo suku, nigxumagxume, ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba benze njalo oyise kubaprofethi.


Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi.


Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bakhuleka, bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.


Base bemuka ebusweni bomphakathi bethokoza, ngokuba kwakuthiwe bafanele ukudunyazwa ngenxa yegama lakhe.


Akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko, sazi ukuthi usizi luveza ukubekezela;


Kepha otshalayo noniselayo bamunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomshikashika wakhe.


Ngokuba usizi lwethu olulula, olungokomzuzwana, luyasisebenzela isisindo esiyinkazimulo emiyo yonke kakhulukazi;


Ngokuba niphiwe nina ngenxa kaKristu, kungesikho ukukholwa kuye kuphela, kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe;


Yebo, noma nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke.


engithokozayo khathesi ekuhluphekeni kwami ngenxa yenu, njalo enyameni yami ngigcwalisa okusilele kwezinhlupheko zikaKristu ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;


nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini, ngokuba nikhonza iNkosi uKristu.


ababulala iNkosi uJesu nabaprofethi babo, basizingela nathi; abamthokozisi uNkulunkulu, baphambene nabantu bonke;


Ngokuba nazwelana nami ekuboshweni kwami, nakwamukela ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ngokwenu ninempahla engcono nemiyo.


wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.


abathi ngokholo banqoba imibuso, benza ukulunga, bazuza izithembiso, bavala imilomo yezingonyama;


Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.


Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kuyinjabulo yodwa;


Bazalwane bami, thathani abaprofethi abakhuluma egameni leNkosi, babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela.


Kodwa thokozani, njengoba lingabahlanganyeli bezinhlupheko zikaKristu; ukuze kuthi, lapho sekwambulwa inkazimulo yakhe, nijabule futhi ngentokozo enkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka