Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseFilipi 2:16 - Baasraak Zulu New Testament Bible

16 nibambelele ezwini lokuphila; ukuze ngizibonge ngosuku lukaKristu, ukuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ize.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzigqaja ngosuku lukaKhristu ngokuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ubala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 nibambelele ezwini lokuphila; ukuze ngizibonge ngosuku lukaKristu, ukuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ize.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseFilipi 2:16
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni, nalokho enikuzwa endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu.


Futhi ngithi kini: Yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, neNdodana yomuntu nayo iyakumvuma phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu;


Ngumoya ophilisayo; inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhuluma kini angumoya, angukuphila.


USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? amazwi okuphila okuphakade nguwe.


Madoda, bazalwane, bantwana bozalo lukaAbrahama, labo phakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, ilizwi lale nsindiso lithunyelwe kini.


ozaliqinisa kuze kube sekupheleni, ukuze ningabi-nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu.


Ngakho-ke mina ngigijima ngokunjalo, kungenjengokungaqondi; ngilwa kanjalo, kungenjengalowo oshaya umoya;


njengalokho nasivuma nganxanye, ukuthi siyikuzibonga kwenu, njengalokhu nani ningabethu ngosuku lweNkosi uJesu.


Ngenyuka ngesambulo, ngabalandisa ivangeli engilishumayelayo phakathi kwabezizwe, kepha ngasese kwabadumileyo, funa mhlawumbe ngigijime noma ngigijimele ize.


Ngiyanesaba, funa ngisebenzele ize phezu kwenu.


ukuze nivume izinto ezinhle kakhulu; ukuze nibe msulwa, ningabi nacala, kuze kufike usuku lukaKristu;


nginethemba lalokho ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaJesu Kristu;


Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wethu wokuzibonga na? Angithi nina phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwayo na?


Ngalokho kwathi ngingasenakubekezela, ngathumela ukuba ngazi ukukholwa kwenu, funa mhlawumbe umlingi unilingile, umshikashika wethu ube yize.


Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.


nizelwe ngokusha, kungengembewu ebolayo, kodwa ngengenakonakala, ngezwi likaNkulunkulu eliphilayo nelimi phakade.


Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esikuzwileyo, esikubonile ngamehlo ethu, esikubhekile, nezandla zethu zakuphatha, okweZwi lokuphila;


UMoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi: Woza. Nowomileyo makeze. Futhi yilowo nalowo othanda makathathe amanzi okuphila ngesihle.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka