Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KwabaseFilipi 2:13 - Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe enhle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 Ngokuba uNkulunkulu nguye osebenza kini ukuba nithande, futhi nenze ngokwentando yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe enhle.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KwabaseFilipi 2:13
39 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ningesabi, mhlambi omncane; ngoba kuyintokozo kuYihlo ukulinika umbuso.


Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathakazelelwayo.


UJohane waphendula wathi: “Umuntu angemukeli lutho, uma engalunikwanga luvela ezulwini.


Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: Futhi bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu. Ngakho wonke umuntu ozwile kuBaba wafunda kuBaba uyeza kimi.


Wasesithi: Kungakho ngithe kini: Kakho ongeza kimi, ngaphandle kokuthi ukuphiwe nguBaba.


Isandla seNkosi sasinabo, kwakholwa isixuku esikhulu saphendukela eNkosini.


Ngoba ngomusa engiwuphiweyo, ngithi kuwo wonke umuntu ophakathi kwenu ukuthi angazicabangeli ngaphezu kwalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.


(Ngoba abantwana bengakazalwa, bengakenzi okuhle lokubi, ukuze icebo likaNkulunkulu elingokokukhetha lime, lingaveli emisebenzini, kodwa kulowo obizayo);


Ngakho-ke akusikho kothandayo, noma kogijimayo, kodwa ngokukaNkulunkulu ohawukelayo.


Futhi kukhona izinhlobonhlobo zemisebenzi, kodwa nguNkulunkulu oyedwa osebenza konke kubo bonke.


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize; kodwa ngisebenze kakhulu kakhulu kunabo bonke;


Kungesikho ukuthi siyenelisa ngokwethu ukucabanga utho njengoluvela kithi; kodwa ukwenelisa kwethu kuvela kuNkulunkulu;


kuye futhi sazuza ifa kuye, esamiselwa ngaphambili ngokwenjongo yalowo osebenza zonke izinto ngokwecebo lentando yakhe;


esimisele ngaphambili ukuthi sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengokwakufisa kwentando yakhe;


esesazisile imfihlo yentando yakhe, njengokufisa kwakhe okuhle akuhlosileyo kuye;


Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;


Ngakho futhi siyanikhulekela njalo, ukuba uNkulunkulu wethu anibale njengabakufanelekele ukubizwa, agcwalise ngamandla onke okumthokozisayo okuhle, nomsebenzi wokukholwa;


Owasisindisayo, wasibiza ngobizo olungcwele, kungeyisikho ngokwemisebenzi yethu, kodwa njengokwenhloso yakhe lomusa esiwuphiwa kuKristu Jesu ngaphambi kwezikhathi.


makaniphelelise emisebenzini yonke emihle ukuze nenze intando yakhe, esebenza kini lokho okubongekayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, obuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilayo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka