Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




KuThithu 3:2 - Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Bangahlambalazi muntu, bangabi-ingxabano, kodwa babe mnene, bebonisa ubumnene bonke kubantu bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 bangahlambalazi muntu, bangabi yizilwi, babe ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 bangahlambalazi muntu, bangabi ngophumasilwe, kodwa babe nenhliziyo enhle, babe mnene kubo bonke abantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bangahlambalazi muntu, bangabi-ingxabano, kodwa babe mnene, bebonisa ubumnene bonke kubantu bonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




KuThithu 3:2
35 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi; ngokuba ngimnene, ngithobekile ngenhliziyo; niyakufumana ukuphumula emiphefumulweni yenu.


UPawuli wasesithi: Bengingazi, bazalwane, ukuthi ungumpristi omkhulu;


Namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.


Ngokuba noma ngikhululekile kubo bonke, nokho ngizenze isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi.


Mina-ke Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKristu, mina engithobekile nxa ngikhona phakathi kwenu, kepha nxa ngingekho nginesibindi ngani;


Ngoba ngiyesaba ukuthi, nxa ngifika, kangizalithola linjengengikuthandayo, njalo ngifunyanwe kini nginjengemibango, umhawu, ulaka, ukuxabana, ukuhleba, ukuhlebeza, ukuzikhukhumeza, ukuxokozela:


Kodwa isithelo sikaMoya siluthando, intokozo, ukuthula, ukubekezela, ubumnene, ukulunga, ukholo,


Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzinaka wena, funa ulingwe nawe.


Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.


ngokuthobeka konke, nobumnene, ngokubekezela, nibekezelelana ngothando;


Makususwe kini konke ukufutheka, nolaka, nentukuthelo, nomsindo, nokuhlambalaza, kanye nakho konke okubi.


Ukulinganisela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze.


Kodwa sasimnene phakathi kwenu njengomdlezane ondla abantwana bakhe;


Kanjalo omkabo mababe nesizotha, bangabi ngabahlebi, abaqondileyo, abathembekile ezintweni zonke.


Ongadakwanga iwayini, ongesiye oshayayo, ongahaheli inzuzo embi; kodwa ibekezele, ingabi yingxabano, ingabi ngabahahayo;


Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.


Lingakhulumi kubi, bazalwane. Ohlambalaza umzalwane wakhe, ahlulele umzalwane wakhe, ukhuluma kabi ngomthetho, wahlulela umthetho;


Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nakho konke ukuhleba;


Ngokuba lowo othanda ukuphila, nokubona izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso;


Elokugcina manibe nomqondo munye nonke, nihawukelane, nithandane njengabazalwane, nihawukele, nibe nomusa;


Ngokuba kuyamangala ukuthi kaligijimi kanye labo kulowo mkhuba wokungathembeki, bekhuluma kabi ngani;


Kodwa ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokungcola, bedelela ukubusa. Bayagabadela, bazicabangela bona, abesabi nokukhuluma kabi ngezithunzi;


Kepha laba bahlambalaza abangazaziyo, kepha abakwaziyo ngokwemvelo njengezilwane ezingenangqondo bazonakalisa ngakho.


Ngokunjalo lalaba baphuphi abangcolileyo bangcolisa inyama, badelele ukubusa, bakhulume kubi ngabahloniphekayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka