Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 7:4 - Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Ngokuba akakho owenza utho ekusithekeni, yena ngokwakhe efuna ukwaziwa obala. Uma wenza lezizinto, zibonakalise emhlabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba akukho muntu owenza utho ekusithekeni, efuna yena uqobo lwakhe abe sobala. Uma wenza lezi zinto, zibonakalise wena kulo izwe.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Ngokuba akukho muntu owenza utho ekusithekeni, ebe yena uqobo efuna ukwaziwa. Uma wenza lezi zinto, zibonakalise ezweni.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba akakho owenza utho ekusithekeni, yena ngokwakhe efuna ukwaziwa obala. Uma wenza lezizinto, zibonakalise emhlabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 7:4
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa yonke imisebenzi yabo bayenza ukuze babonwe ngabantu; bawenza abe banzi amafilakteriyu abo, bandise imiphetho yezingubo zabo;


Wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe; itshe.


Futhi nxa nizila ukudla, ningabi njengabazenzisi, ubuso obudangeleyo, ngokuba banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.


Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.


Umuntu omuhle emfuyweni enhle yenhliziyo yakhe uveza okuhle; nomuntu omubi emfuyweni embi yenhliziyo yakhe ukhipha okubi, ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.


UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulume obala emhlabeni; Bengihlala ngifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho abaJuda bebuthana khona njalo; futhi ngasese angikhulumanga lutho.


Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi oyenzayo.


Ngokuba nabafowabo babengakholwa kuye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka