Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 1:4 - Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Kuye kwakukhona ukuphila; futhi ukuphila kwakungukukhanya kwabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Kuye kwakukhona ukuphila; lokhu kuphila okungukukhanya kwabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kuye kwakukhona ukuphila; futhi ukuphila kwakungukukhanya kwabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 1:4
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu ababehlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; nabahlezi ezweni nasethunzini lokufa ukukhanya kuye kwaphumela obala.


ukukhanya kokukhanyisa abezizwe, nenkazimulo yabantu bakho u-Israyeli.


UJesu wathi kuye: Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efile, wophila.


UJesu wayesethi kubo: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukini. Hambani nisenokukhanya, funa ubumnyama bunifikele, ngokuba ohamba ebumnyameni akazi lapho eya khona.


Mina ngizile njengokukhanya emhlabeni, ukuze yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Nakhu ukulahlwa, ukuthi ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo yayimibi.


Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise; ngokunjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.


Ngokuba njengalokhu uBaba enokuphila ngokwakhe; ngokunjalo uyiphile iNdodana ibe nokuphila kuyo;


Khona uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe;


Ngisekhona emhlabeni ngiwukukhanya kwezwe.


ukuze uKristu ahlupheke, abe ngowokuqala ukuvuka kwabafileyo, amemezele ukukhanya kubantu nakwabezizwe.


Kanjalo kulotshiwe ukuthi: Umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; uAdamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.


Ngakho uthi: Vuka wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.


Nxa uKristu ongukuphila kwethu esebonakala, khona nani nizakubonakala kanye naye enkazimulweni.


Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esikuzwileyo, esikubonile ngamehlo ethu, esikubhekile, nezandla zethu zakuphatha, okweZwi lokuphila;


(Ngokuba ukuphila kwabonakaliswa, futhi sikubonile, futhi siyafakaza, futhi sinibikela ukuphila okuphakade, okwakunoBaba, futhi kwabonakaliswa kithi;)


Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.


Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Mina ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ekhanyayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka