Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 1:12 - Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Kepha bonke abamemukelayo, labo abakholwa egameni lakhe, wabapha igunya lokuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 1:12
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Onamukela nina uyangamukela mina, nowamukela mina wemukela ongithumileyo.


Njalo abezizwe bazathembela ebizweni lakhe.


Nalowo owemukela umntwana omncane onje ngegama lami uyangamukela mina.


Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga.


Yena wezela ubufakazi, ukuze afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye.


futhi kungabi ngenxa yaleso sizwe sodwa, kodwa futhi ukuba abuthele ndawonye abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekile babe munye.


Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo.


Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.


Okholwa yiyo akalahlwa, kepha ongakholwayo uselahliwe, ngokuba engakholwanga egameni leNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.


Negama layo ngokukholwa egameni layo liyiqinisile le ndoda eniyibonayo neniyaziyo;


Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu bangabantwana bakaNkulunkulu.


UMoya uqobo ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu;


Ngokuba ukulangatha okudaliweyo kulindele ukuvezwa kwabantwana bakaNkulunkulu.


Ngokuba nina nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu Jesu.


Ngokuba ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!


Ngakho njengalokho namamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani kuye;


Ngakho siphiwe izithembiso ezinkulu kakhulu leziligugu, ukuze ngalezo libe ngabahlanganyeli bemvelo yobuNkulunkulu, libalekele ukonakala okusemhlabeni ngenkanuko.


Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sibizwe ngokuthi singabantwana bakaNkulunkulu;


Ngalokhu babonakaliswa abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane: yilowo nalowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.


Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho; ngoba sizambona njengoba enjalo.


Futhi yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengalokho wasilaya.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka