Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 19:20 - Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Sabanjwa isilo, kanye naso nomprofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso. Laba bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 Isilo sabanjwa kanye nomphrofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo labo abemukela uphawu lwesilo nabakhuleka emfanekisweni waso. Labo bobabili baphonswa bephila echibini lomlilo elivutha isibabuli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Sabanjwa isilo, kanye naso nomprofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso. Laba bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 19:20
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.


Yena uyakuphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu, elithululwa ngaphandle kokuxutshaniswa nendebe yentukuthelo yakhe; futhi uyohlushwa ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


Izimpondo eziyishumi ozibonile zingamakhosi ayishumi angakawamukeli umbuso; kodwa amukele amandla njengamakhosi ihora linye kanye nesilo.


Ngase ngibona isilo, namakhosi omhlaba, namabutho awo, ebuthene ukuba alwe nohlezi ehhashini, nebutho lakhe.


USathane owabadukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga, futhi bayohlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.


Ngokuba ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nawabenzayo amanga.


Ngabona kanjalo embonweni amahhashi nabahlezi phezu kwawo benezivikelo zesifuba zomlilo, nezehiyakinte, nezesibabule, namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama; emilonyeni yazo kwakuphuma umlilo, nomusi, nesibabule.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka