Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 6:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 umpristi akuzulise, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; lokhu kungcwele kumpristi kanye nesifuba sokuzuliswa nethanga lokuphakanyiswa; emva kwalokho umNaziri angaphuza iwayini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 Umphristi akuzungezise, kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade; lokhu kungcwele kumphristi nesifuba sokuzungeziswa nomlenze wokuzungeziswa. Emveni kwalokho umnaziri angaliphuza iwayini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Umpristi kumelwe akunyakazise njengomnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; kungcwele kumpristi, kanye nesifuba esinyakaziswayo nomlenze wokushenxiswa; emva kwalokho umNaziri angaphuza iwayini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 6:20
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.


UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonke idili lokukhulupheleyo kule ntaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo.


Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.


Mabalethe umlenze wokuphakanyiswa nesifuba sokuzuliswa kanye neminikelo yomlilo yamanoni ukuba bakuzulise, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, kube ngokwakho nokwamadodana akho kanye nawe, kube yimfanelo ephakade, njengalokho uJehova eyalile.”


yena asizulise isithungu phambi kukaJehova ukuba samukelwe ngenxa yenu; ngakusasa emva kwesabatha umpristi uyakusizulisa.


izandla zakhe uqobo zilethe iminikelo yomlilo kaJehova, alethe amanoni kanye nesifuba ukuba isifuba sizuliswe, sibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.


Umpristi makashise amanoni e-altare, kepha isifuba sibe ngesika-Aroni nesamadodana akhe.


Anonika umpristi umlenze wokunene, ube ngumnikelo wokuphakanyiswa emihlatshelweni yeminikelo yenu yokuthula.


Ngokuba isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa ngikuthabathe kwabakwa-Israyeli emihlatshelweni yeminikelo yabo yokuthula, ngakunika u-Aroni umpristi namadodana akhe, kube yisimiso esiphakade kwabakwa-Israyeli.’ ”


izifuba nomlenze wokunene wakuzulisa, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, njengalokho uMose eyalile.


U-Efrayimi uyakuba njengeqhawe; inhliziyo yabo iyakuthokoza njengangewayini; abantwana babo bayakukubona, bathokoze; inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.


UJehova Sebawoti uyakubavikela, badle, banyathele phansi amatshe endwayimana; bayakuphuza igazi labo njengewayini, bagcwale njengemikhele, njengamagumbi e-altare.


Yeka ubuhle balo! Yeka ukubukeka kwalo! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.


Inyama yazo iyakuba ngeyakho; njengesifuba sokuzuliswa nomlenze wokunene iyakuba ngeyakho.


Umpristi uyakuthatha umnikelo wempuphu wesikhwele esandleni sowesifazane, azulise umnikelo wempuphu phambi kukaJehova, awulethe e-altare;


“ ‘Lowo ungumthetho womNaziri owenzile isithembiso nowomnikelo wakhe kuJehova ngenxa yobuNaziri bakhe, ngaphandle kokunye angaphumelela kukho; njengesithembiso sakhe asenzayo uyakwenza kanjalo njengomthetho wobuNaziri.’ ”


Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.”


Ngiqinisile ngithi kini: Angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo sisisha embusweni kaNkulunkulu.”


Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka