Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 5:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Yonke iminikelo yokuphakanyiswa yezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo kumpristi iyakuba ngeyakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Yonke iminikelo yezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli abayoyinikela kumphristi, iyakuba ngeyakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Yonke iminikelo yezipho ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abayiletha kumpristi iyakuba ngeyakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 5:9
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe, kube yimfanelo ephakade kwabakwa-Israyeli, ngokuba kungumnikelo wokuphakanyiswa; koba ngumnikelo wokuphakanyiswa wabantwana bakwa-Israyeli womhlatshelo weminikelo yabo yokuthula, umnikelo wabo wokuphakanyiswa kuJehova.


niwudle endaweni engcwele, ngokuba kuyimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho eminikelweni yomlilo kaJehova; ngokuba ngiyaliwe kanjalo.


Isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa niyakukudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe, ngokuba kuphiwe kube yimfanelo yakho nemfanelo yamadodana akho emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantwana bakwa-Israyeli.


Mabalethe umlenze wokuphakanyiswa nesifuba sokuzuliswa kanye neminikelo yomlilo yamanoni ukuba bakuzulise, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, kube ngokwakho nokwamadodana akho kanye nawe, kube yimfanelo ephakade, njengalokho uJehova eyalile.”


Umpristi onikela ngawo ngesono wowudla, udliwe endaweni engcwele egcekeni letende lokuhlangana.


Anonika umpristi umlenze wokunene, ube ngumnikelo wokuphakanyiswa emihlatshelweni yeminikelo yenu yokuthula.


Ngokuba isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa ngikuthabathe kwabakwa-Israyeli emihlatshelweni yeminikelo yabo yokuthula, ngakunika u-Aroni umpristi namadodana akhe, kube yisimiso esiphakade kwabakwa-Israyeli.’ ”


Yonke iminikelo yezinto ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo ngiyinikile wena namadodana akho namadodakazi akho kanye nawe ibe yimfanelo ephakade; kuyisivumelwano sikasawoti kuze kube phakade ngaphambi kukaJehova kuwena nakuyo inzalo yakho kanye nawe.”


UMose wamnika u-Eleyazare umpristi intela eyayingumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Kepha uma umuntu engenasihlobo elingakhokhelwa kuso icala, inkokhelo yecala eyenzelwa uJehova iyakuba ngeyompristi, ngaphandle kwenqama yokubuyisana ayakwenzelwa ukubuyisana ngayo.


“Izinto zakho ezingcwele onazo nezithembiso zakho wozithatha, uye endaweni ayakuyikhetha uJehova,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka