Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 34:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UMose wayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

13 UMose wabayala abakwa-Israyeli, wathi: “Leli yizwe eniyolaba ngonkatho, uSimakade ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nengxenye,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UMose wabayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nali izwe eniyakulidla ngenkatho uJehova ayala ukuba nilinike izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye yesizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 34:13
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:


“ ‘Kuyakuthi ekwahlukanisweni kwezwe ngenkatho libe ngamafa, ninikele kuJehova ngomnikelo, okungcwele kwezwe, ubude bube ngubude bezinhlanga eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi, kube ngcwele emikhawulweni yonke nxazonke.


Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkatho ebandleni likaJehova.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


umkhawulo wehlele eJordani, uphume ngaseLwandle Lukasawoti; lokho kuyakuba yizwe lakini ngokwemikhawulo yalo nxazonke.’ ”


Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebanoni naseMfuleni, umfula u-Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu.


Ngalokho yahlukanisa leli zwe libe yifa lezizwe eziyisishiyagalolunye nelenxenye yesizwe sakwaManase.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka