Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 29:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “ ‘Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kulusuku lokubetha amacilongo kini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 “ ‘Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lokuqala lwayo, niyoba nomhlangano ongcwele, aniyukusebenza msebenzi; kuyokuba wusuku lwenu lokushaya amacilongo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga kuyakuba khona umhlangano ongcwele kini; ningasebenzi msebenzi; kulusuku lokubethwa kwecilongo kini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 29:1
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo umphongolo wesivumelwano sikaJehova ngokukhamuluka nangezwi lomtshingo, nangamacilongo, nangamasimbali,* ebetha izingubhu namahabhu.*


Ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa baqala ukunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova; kepha isisekelo sethempeli sasingakabekwa.


Base behlala-ke abapristi, namaLevi, nabalindisango, nabahlabeleli, nabanye abantu, namaNethini,* naye wonke u-Israyeli emizini yabo. Kwathi lapho inyanga yesikhombisa isifikile, abantwana bakwa-Israyeli babe semizini yabo.


U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla, abesilisa nabesifazane nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa.


Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.


Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo; siyahamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho.


nomkhosi wokuvuna wolibo lwemisebenzi yakho oyihlwanyelayo ensimini, nomkhosi wokubutha ngasekupheleni komnyaka, lapho ubutha imisebenzi yakho ensimini.


“Uyakugcina umkhosi wamasonto, owolibo lukakolweni ovuniweyo, nomkhosi wokuvuna ngasekupheleni komnyaka.


Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Ngosuku lokuqala niyakuba nomhlangano ongcwele, ningasebenzi msebenzi.


UJehova abesebonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe uphume njengonyazi; iNkosi uJehova iyakubetha icilongo, ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.


“ ‘Ngosuku lolibo, lapho ninikela ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova emkhosini wenu wamasonto, niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi,


“ ‘Ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi, nimgcinele uJehova umkhosi izinsuku eziyisikhombisa,


Niyakunikela ngomnikelo wokushiswa ube yiphunga elimnandi kuJehova: iduna, nenqama, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,


“ ‘Ngosuku lwesishiyagalombili niyakuba nomhlangano ozothileyo; ningasebenzi msebenzi,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka