Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 28:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Umnikelo wawo wokuphuzwa uyakuba ngokwesine kwehini* ngemvu inye; endaweni engcwele uyakuthululela uJehova umnikelo wokuphuzwa wophuzo olunamandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Umnikelo wawo wokuphuzwayo uyokuba ngokwesine kwehini ngemvu eyodwa. Umnikelo wesiphuzo esinamandla uyothululelwa uSimakade endaweni engcwele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Umnikelo wawo wokuphuzwa uyakuba ngokwesine kwehini ngewundlu elilodwa; endaweni engcwele kuthululelwe iwayini elinamandla kuJehova njengomnikelo wokuphuzwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 28:7
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kanye nelinye iwundlu wonikela ngokweshumi kwempuphu ecolekileyo, ixovwe nokwesine kwehini* lamafutha agxotshiweyo, nokwesine kwehini lewayini, kube ngumnikelo wokuphuzwa.


“Lo uyakuba ngumnikelo oshiswa imihla yonke ezizukulwaneni zenu ngasemnyango wetende lokuhlangana phambi kukaJehova, lapho ngiyakuhlangana khona nani, ngikhulume khona kuwe.


Ninganikeli kulo ngempepho engeyiyo, nangomnikelo wokushiswa, nangomnikelo wempuphu, ningatheli mnikelo wokuphuzwa kulo.


Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelezi asesigodini; wona yiwo angawenkatho yakho; nakuwona uthululele umnikelo wokuphuzwa, wenza umnikelo wempuphu. Ngiyakwaneliswa ngalokhu na?


Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze-altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka, zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.


Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa inqamukile endlini kaJehova; abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.


Ngubani owaziyo uma engayikubuya, ahawukele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wempuphu nomnikelo wokuphuzwa kuJehova uNkulunkulu wenu, na?


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


Umnikelo wawo wempuphu woba ngokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, exovwe namafutha, umnikelo womlilo kuJehova, ube yiphunga elimnandi, nomnikelo wawo wokuphuzwa woba ngokwesine kwehini* lewayini.


Uyakunikela ngenxenye yehini* lewayini libe ngumnikelo wokuphuzwa, kube ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.


newayini libe ngumnikelo wokuphuzwa, okwesine kwehini* ngemvana inye, wolilungisela umnikelo wokushiswa noma umhlatshelo.


uyakunikela okwesithathu kwehini lewayini libe ngumnikelo wokuphuzwa nephunga elimnandi kuJehova.


Umnikelo wabo wokuphuzwa uyakuba yinxenye yehini* lewayini ngenkunzi, nokwesithathu kwehini* ngenqama, nokwesine kwehini ngemvu; lokhu kungumnikelo wokushiswa wezinyanga zonke kuzo zonke izinyanga zomnyaka.


Niyakunikela ngazo ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu, zibe ngezingenasici kini, kanye neminikelo yazo yokuphuzwa.


Kungumnikelo oshiswa imihla yonke, owamiswa entabeni yaseSinayi ube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.


Enye imvu uyakunikela ngayo kusihlwa, unikele ngayo ibe njengomnikelo wempuphu wasekuseni nomnikelo wawo wokuphuzwa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.


Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka