Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 27:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Uma uyise engenabafowabo, niyakunika isihlobo sakhe esiseduze naye emndenini wabo ifa lakhe, alidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sesahlulelo kubantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Uma uyise engenabafowabo, niyakulabela isihlobo sakhe esisondelene naye emndenini, silidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sobulungiswa kwabakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Uma uyise engenabafowabo, kumelwe nilinike isihlobo sakhe segazi esiseduze naye ohlwini lwaso ifa lakhe, silidle; futhi kumelwe kube yisimiso sokwahlulela kubantwana bakwa-Israyeli, njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 27:11
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Wayesefika kimi uHanameli indodana kababekazi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: ‘Ake uyithenge insimu yami ese-Anathoti elisezweni lakwaBenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele lona.’ “Ngase ngazi ukuthi leli zwi lavela kuJehova.


“ ‘Uma umfowenu eba mpofu, athengise ngefa lakhe, kuyakufika isihlobo sakhe, sihlenge lona umfowabo athengisile ngalo.


noma uyisekazi noma indodana kayisekazi angamhlenga; noma omunye owakubo owabomndeni wakhe angamhlenga; noma eba ngocebileyo, angazihlenga yena.


Uma engenabafowabo, niyakunika abafowabo bakayise ifa lakhe.


“ ‘Lezi zinto ziyakuba yisimiso sesahlulelo kini ezizukulwaneni zenu kuzo zonke izindlu zenu.


Kwaba njalo kusukela kulolo suku kuya phambili; wamisa isimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka