Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 25:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJehova wathi kuMose: “Thabatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyekele uJehova elangeni, ukuze intukuthelo evuthayo kaJehova ibuye ku-Israyeli.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 USimakade wathi kuMose: “Thatha bonke abaholi babantu, ubabulalele uSimakade lingakashoni ilanga, ukuze intukuthelo kaSimakade evuthayo isuke ku-Israyeli.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 INkosi yasisithi kuMozisi: Thatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyeke phambi kwe Nkosi elangeni, ukuze kubuye ulaka lwe Nkosi kaIsrayeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 25:4
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

masinikwe abantu abayisikhombisa bamadodana akhe, sibaphanyeke kuJehova eGibeya likaSawule, okhethiweyo kaJehova.” Inkosi yathi: “Ngiyakuninika bona.”


wabanikela ezandleni zabaseGibeyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaJehova, bawa labo abayisikhombisa kanyekanye; babulawa ngesikhathi sokuvuna ezinsukwini zokuqala ngasekuqaleni kokuvunwa kwebhali.*


Bamcunula ngezenzo zabo; kwabhoboka isifo phakathi kwabo.


UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kuka-Israyeli wonke, wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduma zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


Ngubani owaziyo uma uNkulunkulu engayikubuya, azisole, abuye ekufutheni kwentukuthelo yakhe, size singabhubhi, na?”


“UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi ukhalimile intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, ngokuba wayehawuka ngomhawu wami phakathi kwabo, ukuze ngingaqothuli abantwana bakwa-Israyeli ngomhawu wami.


ngokuba bayanikhathaza nina ngamacebo abanikhohlise ngawo endabeni kaPeyori nangendaba kaKozibi indodakazi yesikhulu sakwaMidiyani, udadewabo, owabulawa ngosuku lwesifo ngendaba kaPeyori.”


U-Israyeli wonke uyakuzwa, esabe, angabe esabenza ububi obunjalo njengalobo obuphakathi kwakho.


Abantu abathile abonakeleyo baphumile phakathi kwakho, bahlubukisile abomuzi wabo ngokuthi: ‘Masiye sikhonze abanye onkulunkulu eningabaziyo,’


woshaya nokushaya abantu balowo muzi ngosiko lwenkemba, uwuchithe impela, nakho konke okuphakathi kwawo, nezinkomo zawo, ngosiko lwenkemba.


Akuyikunamathela lutho lokuqalekisiweyo esandleni sakho ukuba uJehova aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, akuphathe ngomusa, abe nesihe kuwe, akwandise, njengalokho afunga koyihlo,


“Uma umuntu enzile isono esifanele ukufa, abulawe, umphanyeke emthini,


isidumbu sakhe asiyikuhlala bonke ubusuku emthini, kepha wommbela nokummbela ngalona lolo suku, ngokuba ophanyekiweyo uqalekisiwe nguNkulunkulu, ukuba ungalingcolisi izwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho.


“Amehlo enu abonile okwenziwa nguJehova ngenxa kaBali Peyori ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wabachitha phakathi kwakho bonke abantu ababemlandela uBali Peyori.


Ububi basePeyori buncane yini kithi esingakazihlambululi kubo kuze kube namuhla, noma inhlangano kaJehova yehlelwa yisifo,


uJoshuwa wabiza wonke u-Israyeli, amalunga akhe, nezinhloko zakhe, nabahluleli bakhe, nezinduna zakhe, wathi kubo: “Sengimdala ngineminyaka eminingi;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka