Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 25:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ngokuba babiza abantu ukuba beze emihlatshelweni yawonkulunkulu babo; abantu badla, bakhothamela onkulunkulu babo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Abamemela emadilini emihlatshelo yonkulunkulu bawo. Abakwa-Israyeli bafike badla, bakhothamela onkulunkulu bawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Babizela abantu emihlatshelweni yawonkulunkulu babo; abantu badla, bakhothamela onkulunkulu babo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 25:2
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha ngiyakushiya kwa-Israyeli izinkulungwane eziyisikhombisa, onke amadolo anganguqanga kuBali nayo yonke imilomo engamanganga.”


Bazihlanganisa noBali Peyori, badla okuhlatshelwe abafileyo.


ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


“Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova yedwa uyakubhujiswa nokubhujiswa.


Awuyikubakhothamela onkulunkulu babo, ungabakhonzi, ungenzi njengokwemisebenzi yabo, kepha wobachitha impela, ubhidlize izithombe zabo.


Bavuka ekuseni ngakusasa, banikela ngeminikelo yokushiswa, baletha iminikelo yokuthula; abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze; bavuka ukuyodlala.


Futhi lapho bonke abaJuda ababekwaMowabi, naphakathi kwabantwana bakwa-Amoni, nakwa-Edomi, nababesemazweni onke sebezwile ukuthi inkosi yaseBabele ishiyile insali kwaJuda nokuthi ibeke phezu kwabo uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba abe ngumbusi phezu kwabo,


“Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneni ngesikhathi sawo sokuqala. Kepha bafika eBali Peyori, bazahlukanisela okunezinhloni, baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.


Bantu bami, ake nikhumbule okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi, nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori, nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali, nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”


Kodwa ngithi: Lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni, kabakuhlabeli uNkulunkulu. Kepha angithandi ukuba nibe nenhlanganyelo namademoni.


ababedla amanoni emihlatshelo yabo, beliphuza iwayini lomnikelo wabo wokuphuzwa, na? Mabavuke, banisize, babe yisivikelo senu.


Ububi basePeyori buncane yini kithi esingakazihlambululi kubo kuze kube namuhla, noma inhlangano kaJehova yehlelwa yisifo,


Uma neqa isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu akuyala ngaso, niye nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele, intukuthelo kaJehova iyakunivuthela, nibhubhe masinyane ezweni elihle aninike lona.”


ukuba ningangeni kulezo zizwe ezisele phakathi kwenu, ningabizi amagama awonkulunkulu bazo, ningabafungi, ningabakhonzi, ningabakhothameli,


“Nokho kukhona okuyingcosana enginakho ngawe, ngokuba unabo lapho ababambisisa isifundiso sikaBalami owafundisa uBalaki ukuphonsa isikhubekiso phambi kwabantwana bakwa-Israyeli sokuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuba bafebe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka