Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 24:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 ozwileyo amazwi kaNkulunkulu, obonile umbono kaSomandla uthi, ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 ukuphimisela kozwileyo amazwi kaNkulunkulu, obonile umbono kaSomandla owele phansi, kodwa amehlo akhe engamboziwe, uthi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wathi yena owezwa amazwi kaNkulunkulu, owabona ubuso bukaSomandla, owabanjwa yisiyezi, kodwa amehlo akhe avuleka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 24:4
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Kwathi ngokushona kwelanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, washaywa luvalo lobumnyama obukhulu.


Wayesethi: “Ngabona wonke u-Israyeli ehlakazekile ezintabeni njengezimvu ezingenamalusi; uJehova wathi: ‘Laba abasenankosi; mababuyele, kube yilowo nalowo endlini yakhe ngokuthula.’ ”


Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi: “Ngibekile usizo eqhaweni, ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.


Njengothingo olusemafwini ngosuku lwemvula kwabonakala kanjalo ukumenyezela nxazonke. Kwakunjengesimo senkazimulo kaJehova. Lapho ngiyibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.


UNkulunkulu weza kuBileyamu ebusuku, wathi kuye: “Uma amadoda efika ukukubiza, vuka uhambe nawo; kepha lelo zwi kuphela engilikhuluma kuwe uyakulenza.”


UJehova wayesevula-ke amehlo kaBileyamu, wayibona ingelosi kaJehova imi endleleni, inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; wagoba ikhanda, wawa ngobuso bakhe.


Wayesethatha isisho sakhe, wathi: “UBileyamu indodana kaBeyori uthi, umuntu oso lakhe livuliwe uthi,


“Mahle kangaka amatende akho, Jakobe, namatabernakele* akho, Israyeli.


Khona walamba kakhulu, wafuna ukudla; kepha besamlungisela wehlelwa yisiyezi,


UPetru esazindla ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amabili ayakufuna;


“Kwathi sengibuyele eJerusalema, ngikhuleka ethempelini, ngehlelwa yisiyezi,


NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo,


Ngathi ukumbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo; wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi: “Ungesabi; mina ngingowokuqala nowokugcina,


Naye wakhumula izingubo zakhe, waprofetha naye phambi kukaSamuweli, walala phansi enqunu lonke lolo suku nabo bonke lobo busuku. Ngalokho kwathiwa: “Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka