Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 22:41 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Kwathi ekuseni uBalaki wamthatha uBileyamu, wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, wabona elapho inxenye yabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

41 Kwathi ekuseni uBhalaki wathatha uBhileyamu, benyukela eBhamothi Bhali, elapho wabona ingxenye yabantu bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Ngangomuso uBalaki wamthatha uBileyamu, wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, ukuze abone ukuphela kwabantu elapho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 22:41
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

wazimisela abapristi bezindawo eziphakemeyo, nabamademoni, nabamathole awenzileyo.


bakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ukushisa amadodana abo ngomlilo, abe yiminikelo yokushiswa kuBali, engingakuyalanga, nengingakukhulumanga, nokungangenanga enhliziyweni yami,


Ngiyakwenza ukuba kuphele kwaMowabi,” usho uJehova, “yena onikela ezindaweni eziphakemeyo noshisela onkulunkulu bakhe impepho.


ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni; ilangabi livelile emzini kaSihoni; liqedile i-Ari lakwaMowabi nabakhe emadulini ase-Arinoni.


UBalaki wanikela ngezinkabi nangezimvu, wazithuma kuBileyamu nakuzo izikhulu ezinaye.


UBileyamu wathi kuBalaki: “Ngakhele lapha ama-altare ayisikhombisa, ungilungisele lapha izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.”


UBalaki wayesethi kuye: “Ake uze nami, siye kwenye indawo, lapho ungababona khona; uyakubona inxenye yabo kuphela, ungaboni bonke; ungiqalekisele bona uselapho.”


Niyakuchitha nokuchitha zonke izindawo, lapho izizwe eniyakuzidla zazikhonza khona onkulunkulu bazo ezintabeni eziphakemeyo, nasemadulini, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka