Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 22:38 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 UBileyamu wathi kuBalaki: “Bheka, sengifikile kuwe, anginamandla nokho manje okukhuluma utho. Izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakukhuluma lona.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

38 UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Bheka, sengifikile kuwe manje, nokho anginamandla okusho utho kuwe. Ngiyokhuluma kuphela izwi uNkulunkulu alibeka emlonyeni wami.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

38 UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Bheka, ngize kuwe; nginamandla okukhuluma manje? izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakulikhuluma.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 22:38
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha uMikhaya wathi: “Kuphila kukaJehova, lokhu uJehova akushoyo kimi, lokhu ngiyakukhuluma khona.”


Yayisithi kuye inkosi: “Ngiyakukufungisa izikhathi ezingaki ukuba ungakhulumi lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaJehova na?”


Kepha uMikhaya wathi: “Kuphila kukaJehova, lokhu uNkulunkulu wami akushoyo, lokhu ngiyakukhuluma khona.”


UJehova uchitha icebo labezizwe; uphuthisa imicabango yabantu.


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.


oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye, obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami,


“Yima manje neziphonso zakho nobuningi bamalumbo akho okhandlekile kukho kwasebusheni bakho; mhlawumbe uyakusizakala, mhlawumbe uyakubanga uvalo.


UBileyamu waphendula wathi kuzo izinceku zikaBalaki: “Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova uNkulunkulu wami ukwenza okuncane nokukhulu.


UBalaki wathi kuBileyamu: “Angithumanga nokuthuma kuwe ukukubiza na? Awufikanga ngani kimi? Anginamandla yini okukunika udumo na?”


UBileyamu wahamba noBalaki, bafika eKiriyati Husoti.


Wathi-ke kuwo: “Hlalani lapha lobu busuku, nginibuyisele izwi, njengalokhu uJehova eyakukhuluma kimi.” Izikhulu zakwaMowabi zahlala-ke kuBileyamu.


UJehova wayesehlangana noBileyamu, wafaka izwi emlonyeni wakhe, wathi: “Buyela kuBalaki, ukhulume kanje.”


Kepha uBileyamu waphendula, wathi kuBalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke uNkulunkulu akukhulumayo ngiyakukwenza na?”


‘Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma,’ na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka