Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 21:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Basuka entabeni yaseHori ngendlela yoLwandle Olubomvu ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yaphela amandla ngenxa yendlela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Basuka entabeni iHori ngendlela yoLwandle Lomhlanga ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yadikibala ngenxa yendlela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Basuka eNtabeni yaseHori ngendlela eya eLwandle Olubomvu ukuze bazungeze izwe lakwa-Edomi; umphefumulo wabantu waphela amandla ngenxa yendlela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 21:4
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi futhi: “Siyakwenyuka ngayiphi indlela na?” Yathi: “Ngendlela yasehlane lakwa-Edomi.”


UMose wakhuluma-ke kanjalo kubo abantwana bakwa-Israyeli; kepha abamlalelanga uMose ngenxa yenhliziyo encane nemisebenzi esindayo.


Ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini; jikani kusasa, ningene ehlane ngasendleleni eya eLwandle Olubomvu.”


UMose wenza njengalokho uJehova eyalile; bakhuphukela entabeni yaseHori emehlweni enhlangano yonke.


Niqedelani inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangaweli ukuya ezweni uJehova abanike lona na?


Ngokuba ekukhuphukeni kwabo ukuya esiGodini sase-Eshikoli balibona izwe, baqeda inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanike lona.


Basuka entabeni yaseHori, bamisa eSalimona.


baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


Kepha nina anophenduka, nihambe, niye ehlane ngendlela eya eLwandle Olubomvu.’


“Sase siphenduka sahamba, saya ehlane ngendlela eya eLwandle Olubomvu, njengalokho ebeshilo kimi uJehova. Sazungeza intaba yaseSeyiri izinsuku eziningi.


“Wayesehamba ehlane, wazungeza izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, weza ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, wamisa ngaphesheya kwe-Arinoni; kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka