Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 21:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 U-Israyeli wathatha yonke le mizi; u-Israyeli wahlala emizini yonke yama-Amori eHeshiboni nasemizini yonke yalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

25 U-Israyeli wayidla yonke leyo mizi; wahlala emizini yonke yama-Amori eHeshibhoni nasemizini yonke yalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

25 U-Israyeli wayithatha yonke le mizi, wahlala u-Israyeli emizini yonke yama-Amori eHeshiboni nasemizini yayo yonke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 21:25
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Intamo yakho injengoMbhoshongo woPhondo lweNdlovu; amehlo akho angamachibi aseHeshiboni ngasesangweni laseBati Rabimi; impumulo yakho injengombhoshongo waseLebanoni obhekene neDamaseku.


IHeshiboni liyadazuluka kanye ne-Elehale; izwi labo lizwakala kuze kube naseJahasi; ngalokho amabutho akwaMowabi ayakhamuluka, umphefumulo wakhe uyathuthumela phakathi kwakhe.


Udumo lukaMowabi alusekho; eHeshiboni bacebe okubi ngaye ngokuthi: Wozani simnqume, angabe esaba yisizwe. Nawe Madimeni uyakuthuliswa, inkemba ikulandele.


“Kusukela eHeshiboni elikhalayo liyezwakalisa ukukhala kwalo kuze kube se-Elehale naseJahasi, kusukela eSowari kuze kube seHoronayimi nase-Egilati Shelishiya, ngokuba namanzi aseNimrimi ayakuba yincithakalo.


“Emthunzini waseHeshiboni ababalekileyo bayema bephelile amandla, ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni, nelangabi phakathi kweSihoni; udlile amacele akwaMowabi, nokhakhayi lwamadoda omsindo okulwa.


Udadewenu omkhulu uyiSamariya elihlezi namadodakazi alo ngakwesokhohlo sakho; udadewenu omncane ohlezi ngakwesokunene sakho uyiSodoma namadodakazi alo.


“ ‘Bheka, nakhu ukona kukadadewenu iSodoma; ukuzidla, nokusutha ukudla, nokuzinza okuthuleyo kwakukhona kulo nakuwo amadodakazi alo, kepha aliqinisanga isandla sabampofu nabaswelayo.


“ ‘Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabo, ukuthunjwa kweSodoma nokwamadodakazi alo, nokuthunjwa kweSamariya nokwamadodakazi alo, nokuthunjwa kwabathunjwa bakho phakathi kwawo


“Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlane ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.


Ngokuba iHeshiboni lalingumuzi kaSihoni inkosi yama-Amori owayelwile nenkosi endala yakwaMowabi, wathatha lonke izwe lakhe esandleni sakhe kwaze kwafika e-Arinoni.


Kanjalo u-Israyeli wahlala ezweni lama-Amori.


“I-Atharoti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elehale, neSebamu, neNebo, neBehoni,


AmaHori nawo ayehlala eSeyiri kuqala, kepha abantwana bakwa-Esawu bawaxosha, bawachitha phambi kwabo, bakha esikhundleni sawo njengalokho u-Israyeli enza kulo izwe elaliyifa lakhe, aphiwe lona nguJehova.


“ ‘Nganingenisa ezweni lama-Amori ahlala ngaphesheya kweJordani, alwa nani; ngawanikela esandleni senu, nadla izwe lawo; ngawachitha phambi kwenu.


U-Israyeli esahlala eHeshiboni nasemizaneni yalo, nase-Aroweri nasemizaneni yalo, nasemizini yonke engaseceleni kwe-Arinoni iminyaka engamakhulu amathathu, anisaphucanga ngani yona ngaleso sikhathi na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka