Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 21:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 USihoni wayengamvumeli u-Israyeli ukudabula izwe lakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma eyomhlasela u-Israyeli ehlane, wafika eJahasi, walwa no-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

23 USihoni akamvumelanga u-Israyeli ukuba adabule ezweni lakhe. USihoni waqoqa bonke abantu esifundeni sakhe, waphuma wayohlasela u-Israyeli ehlane. Wafika eJahazi, walwa no-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 USihoni akamvumelanga u-Israyeli ukuba adabule emkhawulweni wakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, waphuma ukulwa no-Israyeli ehlane; wafika eJahazi walwa no-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 21:23
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

IHeshiboni liyadazuluka kanye ne-Elehale; izwi labo lizwakala kuze kube naseJahasi; ngalokho amabutho akwaMowabi ayakhamuluka, umphefumulo wakhe uyathuthumela phakathi kwakhe.


Ukwahlulela kwehlele izwe lethafa: iHoloni, neJahasi, neMefahati,


“Kusukela eHeshiboni elikhalayo liyezwakalisa ukukhala kwalo kuze kube se-Elehale naseJahasi, kusukela eSowari kuze kube seHoronayimi nase-Egilati Shelishiya, ngokuba namanzi aseNimrimi ayakuba yincithakalo.


“Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo, akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,* ayenamandla njengama-oki;* kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu nezimpande zawo phansi.


U-Edomi wathi kuye: “Awuyikudabula kimi, funa ngikusukele ngenkemba.”


Kanjalo u-Edomi wala ukuba u-Israyeli adabule izwe lakhe; ngalokho u-Israyeli wachezuka kuye.


ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti Peyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni, owanqotshwa nguMose nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.


neJahasi, neKedemoti, neMefahati,


Kodwa uSihoni akamethembanga u-Israyeli ukuba adabule emkhawulweni wakhe; kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, wamisa eJahasi, walwa no-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka