Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 20:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Nasikhuphulelani eGibithe, ukuze silethwe kule ndawo embi, na? Akusiyo indawo yembewu, noma eyamakhiwane, noma eyemivini, noma eyamapomegranati,* kungekho futhi amanzi okuphuza.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Nasikhuphulelani eGibhithe, ukuze nisilethe kule ndawo embi na? Akusiyo indawo yembewu, noma yamakhiwane, noma yemivini, noma yamahananadi, futhi akukho ngisho amanzi okuphuza.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Nisikhuphuleleni eGibithe ukuba nisilethe kule ndawo embi na? kayisiyo indawo yembewu, lamakhiwane, lemivini, lamapomegranati; futhi awekho amanzi okuphuza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 20:5
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabondla iminyaka engamashumi amane ehlane, kabaswelanga lutho; izingubo zabo aziguganga, nezinyawo azivuvukalanga.


“ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho, nothando lwakho, usengumakoti, nokungilandela kwakho ehlane, izwe elingatshalwanga.


Abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe, wasihola ehlane ezweni lezingwadule nelemigodi, ezweni elomileyo nelethunzi lokufa, ezweni elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona, na?’


Njengalokho ngahlulelana nawoyihlo ehlane lezwe laseGibithe, kanjalo ngiyakwahlulelana nani, isho iNkosi uJehova.


Futhi awusingenisanga ezweni elivame ubisi nezinyosi, awusinikanga ifa lamasimu nelezivini; uyakubhoboza amehlo alaba bantu na? Asiyikukhuphuka.”


“U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, ngokuba akayikungena ezweni engibanike lona abantwana bakwa-Israyeli, lokhu nahlubuka ezwini lami ngasemanzini aseMeriba.


ngokuba ehlane laseSini ekulweni kwenhlangano nahlubuka ezwini lami lokungingcwelisa ngasemanzini phambi kwamehlo abo.” Lawa angamanzi aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini.


wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nawofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka