Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 17:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Uyakuloba igama lika-Aroni entongeni kaLevi, ngokuba kuyakuba yintonga inye kuleyo naleyo nhloko yezindlu zawoyise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Entongeni kaLevi uyoloba igama lika-Aroni, ngokuba kuyoba nenhloko eyodwa kuleyo naleyo ndlu yokhokho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kumelwe ulobe igama lika-Aroni entongeni kaLevi, ngoba udondolo kumelwe lube lwenhloko yendlu yoyise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 17:3
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lawa angamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: ngoGereshoni, noKohati, noMerari; iminyaka yokuhamba kukaLevi yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.


U-Amramu wazithathela uJokebedi udadewabo kayise, abe ngumkakhe; wamzalela o-Aroni noMose; iminyaka yokuhamba kuka-Amramu yayiyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.


Ngokuba nazidukisa, lapho nangithuma kuJehova uNkulunkulu wenu ukuthi: ‘Sinxusele kuJehova uNkulunkulu wethu, usitshele konke ayakukusho uJehova uNkulunkulu wethu, siyakukwenza.’


“Wena ndodana yomuntu, zithathele induku, ulobe kuyo ngokuthi: ‘EkaJuda neyabantwana bakwa-Israyeli, abangane bakhe.’ Thatha enye induku, ulobe kuyo ngokuthi: ‘EkaJosefa, induku ka-Efrayimi neyendlu yonke yakwa-Israyeli, abangane bakhe,’


“Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthabathe kubo izintonga, ibe nye kuleyo naleyo ndlu kayise, kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili; loba wena igama lalowo nalowo muntu entongeni yakhe.


Uyakuzibekela etendeni lokuhlangana ngaphambi kobufakazi, lapho ngihlangana khona nawe.


UJehova wathi ku-Aroni: “Wena namadodana akho nendlu kayihlo kanye nawe niyakuthwala ububi bendlu engcwele; wena namadodana akho kanye nawe niyakuthwala ububi bobupristi benu.


Wena namadodana akho kanye nawe niyakugcina ubupristi kukho konke okwe-altare, nakukho konke okuphakathi kwesihenqo; niyakukhonza; ngiyaninika ubupristi njengenkonzo yesipho; umfokazi osondelayo wobulawa.”


umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka