Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 13:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UMose wabathuma ukuhlola izwe laseKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngalapha, niye ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 Lapho uMose ebathuma ukuyohlola iKhanani, wathi kubo: “Yenyukani ngaseningizimu, nikhuphukele ezintabeni,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 UMose wabathuma ukuhlola izwe laseKhanani, wathi kubo: “Hambani ngale ndlela ngaseningizimu, nikhuphuke intaba;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 13:17
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngasemuva u-Abrama wahamba waqonda njalo ngaseningizimu.


U-Abrama wakhuphuka eGibithe kanye nomkakhe nakho konke anakho, uLoti enaye, waya ngaseningizimu.


Suka udabule izwe, ubude balo nobubanzi balo, ngokuba ngiyakukunika lona.”


Kuzo izinkambo zakhe wasuka eningizimu, wafika eBethele, leyo ndawo lapho lalikhona itende lakhe kuqala, phakathi kweBethele ne-Ayi,


IsiGodi saseSidimi sasigcwele imigodi yebitume;* inkosi yaseSodoma neyaseGomora abaleka, awela kuyo; abaseleyo babalekela entabeni.


nibone izwe ukuthi linjani, nabantu abakhe kulo ukuthi banamandla noma babuthakathaka, bayingcosana noma baningi yini,


U-Amaleki wakhile ezweni laseningizimu; amaHeti, namaJebusi, nama-Amori ahlala ezintabeni; amaKhanani akhile ngaselwandle naseceleni kweJordani.”


Bavuka ekuseni kakhulu, benyukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bhekani, sesilapha, kepha siyakuya endaweni ayithembisile uJehova, ngokuba sonile.”


Ama-Amori ayehlala kuleyo ntaba aphuma anihlasela, anixosha njengokwenza kwezinyosi, aninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma.


Wachitha-ke uJoshuwa izwe lonke, izintaba, neNingizimu, namathafa, nemithambeka, namakhosi onke alo; akashiyanga noyedwa owasalayo, kepha waqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


waphuma waya ngaseningizimu kommango wase-Akarabimi, wadlula waya eSini, wakhuphuka ngaseningizimu kwaseKadeshi Barineya, wadlula ngaseHesironi, wenyukela e-Adari, wajika waya eKaraka;


UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: “Hambani nibone izwe neJeriko.” Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.


Wathi kuye: “Ngiphe isipho; lokhu unginike izwe laseningizimu ngiphe nemithombo yamanzi.” UKalebi wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.


UJehova wayenaye uJuda, waxosha abasezintabeni; wayengenakuxosha kodwa abakhe esigodini, lokhu bebenezinqola zensimbi.


Ngasemuva behla abantwana bakwaJuda ukuba balwe namaKhanani ayakhe ezintabeni, nangaseningizimu, nasenzansi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka