Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 10:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Uzenzele amacilongo amabili esiliva, uwenze ngomsebenzi okhandiweyo, uwasebenzise ekubizeni inhlangano nasekusukeni kwamakamu.*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 “Zenzele amacilongo esiliva amabili abe ngumsebenzi ocangcathiweyo, uyakuwasebenzisa ukubiza inhlangano nalapho seyisuka inkambu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Zenzele amacilongo amabili esiliva; wowenza ube ngocezu lonke, ulusebenzisele ukubiza umhlangano, nokukhipha amabhoro.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 10:2
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kodwa indlu kaJehova ayenzelwanga izindebe zesiliva, nezizenze, nezitsha, namacilongo, nazo zonke izinto zegolide, nezinto zesiliva ngemali eyalethwa endlini kaJehova,


kusemi ngasempumalanga kwe-altare amaLevi, abahlabeleli bonke, kanye no-Asafa, noHemani, noJeduthuni, namadodana abo, nabafowabo, bembethe ilineni elicolekileyo, bephethe amasimbali,* nezingubhu, namahabhu,* kukhona kanye nabo abapristi abayikhulu namashumi amabili bekhalisa amacilongo


Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyanga nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.


Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo; siyahamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho.


Uyakwenza amakherubi* amabili ngegolide, uwenze ngomsebenzi okhandiweyo ekugcineni kwesihlalo somusa nxazombili,


“Wolwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, uthi lwezibani olwenziwe ngomsebenzi okhandiweyo, nesiqu salo, namagatsha alo, izimbizana zalo, namasumpa alo, nezimbali zalo, konke kube kunye nalo.


Ningabe nisaletha iminikelo eyize yempuphu; impepho iyisinengiso kimi; ezokwethwasa kwenyanga namasabatha nokubiza imihlangano angivumi ububi kanye nemikhosi.


“Khulumani kwaJuda, nizwakalise eJerusalema, nithi: ‘Bethani amacilongo ezweni,’ nimemeze nithi: ‘Buthanani, singene emizini ebiyelweyo.’


“Beka icilongo emlonyeni wakho; onjengokhozi wehlela indlu kaJehova; ngokuba beqile isivumelwano sami, baphambuka emthethweni wami.


Ngcwelisani ukuzila ukudla, nibize umhlangano; buthani amalunga, yebo, bonke abakhe ezweni, endlini kaJehova uNkulunkulu wenu, nikhale kuJehova.


Bethani icilongo eSiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele; mabathuthumele bonke abakhe ezweni, ngokuba luyeza usuku lukaJehova, ngokuba lusondele;


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Kepha lapho liyakubuthwa ibandla, niyakubetha, ningahlabi umkhosi kodwa.


yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka