Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 8:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Base bephuma abantu, balanda lokho, bazenzela amadokodo, kwaba yilowo nalowo ophahleni lwendlu, nasemagcekeni abo, nasemagcekeni endlu kaNkulunkulu, nasesigcawini seSango Lamanzi, nasesigcawini seSango lakwa-Efrayimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Abantu base bephuma beyogawula amagatsha, yilowo nalowo wazakhela idokodo ophahleni lwendlu yakhe, emagcekeni abo, emagcekeni endlu kaNkulunkulu, naseshashalazini elingaphambi kweSango Lamanzi, nelingaphambi kweSango Lika-Efrayimi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Abantu baphuma bawaletha, bawenza amadokodo, kwaba yilowo nalowo ophahleni lwendlu yakhe nasemagcekeni abo nasemagcekeni endlu kaNkulunkulu, nasesigcawini seSango Lamanzi nasezitaladini zakwa-Efrayimi. Isango.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 8:16
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.


UJehowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wambamba u-Amasiya inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi, ka-Ahaziya, eBeti Shemeshi, wafika eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema, kusukela eSangweni lakwa-Efrayimi kuze kube seSangweni laseGumbini, izingalo ezingamakhulu amane.


UJehoshafati wema ebandleni lakwaJuda nelaseJerusalema endlini kaJehova phambi kwegceke elisha,


Wakhela nalo lonke ibandla lasezukwini ama-altare emagcekeni omabili endlu kaJehova.


NgaseSangweni Lomthombo malungana nabo bakhuphuka ngezikhwelo zomuzi kaDavide ezikhwelweni zogange, ngasenhla kwendlu kaDavide, kwaze kwaba seSangweni Lamanzi.


nangenhla kweSango lakwa-Efrayimi, naseSangweni Elidala, naseSangweni Lezinhlanzi, naseMbhoshongweni KaHananeli naseMbhoshongweni KaHameya, kwaze kwaba seSangweni Lezimvu; bema eSangweni Letilongo.


AmaNethini* ayehlezi e-Ofeli kwaze kwaba sendaweni malungana neSango Lamanzi ngasempumalanga nombhoshongo ophumeleleyo.


Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esasiphambi kweSango Lamanzi; bakhuluma ku-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli.


Wafunda kuwo phambi kwesigcawu esasiphambi kweSango Lamanzi, kusukela ekuseni kuze kube semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuzwa; izindlebe zabantu bonke zalalela incwadi yomthetho.


izindlu zaseJerusalema nezindlu zamakhosi akwaJuda, ezoniweyo, ziyakuba njengeThofeti, yebo, zonke izindlu, abashisele ibandla lasezulwini impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa.’ ”


AmaKaledi alwa nalo muzi ayakufika, awuthungele lo muzi ngomlilo, awushise kanye nalezo zindlu abashisele uBali impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa ukuba bangicunule.


“Nxa wakha indlu entsha, uyakwenza uthango ophahleni lwakho ukuba ungayehliseli indlu yakho igazi, uma umuntu ewa khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka