Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 4:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wakhuluma phambi kwabafowabo nempi yaseSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abangenamandla na? Bayekwe bebodwa na? Bahlabe yini? Bakuqede ngosuku na? Bavuse amatshe emfuthumfuthwini yamabibi lokhu eshisiwe na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Wakhuluma nabangani bakhe nempi eSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abantekentekana na? Ngabe bazokwakha kabusha izinto? Bazokwenza imihlatshelo na? Bazoyiqeda ngosuku na? Ngabe bazovuselela amatshe engqumbini yamabibi, bese beshisela phezu kwawo na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wasekhuluma phambi kwabafowabo lebutho lebutho leSamariya wathi: Enzani lamaJuda abuthakathaka? bazoziqinisa na? bazahlabela yini? zizophela ngosuku? bayowavusa amatshe ezinqwabeni zemfucumfucu eshile na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 4:2
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu balelo zwe base bedangalisa izandla zabantu bakwaJuda, babesabisa ekwakheni,


Ekuhlanjululweni kogange lwaseJerusalema bafuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba ayiswe eJerusalema ukwenza ukuhlambulula ngokuthokoza, nangokubonga, nangokuhlabelela ngamasimbali* nangezingubhu nangamahabhu.*


Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo suku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozisile ngentokozo enkulu; nabesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema.


UJuda wathi: “Amandla abathwalayo aphelile; amabibi maningi; asisenakuluvusa ugange.”


Ugange lwaphela ngolwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga ka-Eluli ngezinsuku ezingamashumi ayisihlanu nambili.


Bathi: “Wozani sibaqothule, bangabe besaba yisizwe, negama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.”


“UMika waseMoresheti waprofetha ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, washo kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “ ‘ISiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’


“Awunakanga yini abakukhulumileyo laba bantu, bethi: ‘Imindeni yomibili ayikhethayo uyilahlile’ na? Base bebadelela abantu bami, baze bangabe besaba yisizwe ngaphambi kwabo.


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.


Jehova, ngizwile umbiko ngawe, ngiyesaba izenzo zakho; zivuselele phakathi kwale minyaka, wenze ukuba zaziwe kule minyaka, ukhumbule umusa nasolakeni.


Ngalolo suku uJehova uyakulondoloza abakhileyo eJerusalema; okhubekayo phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova ngaphambi kwabo.


“Ngokuba ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane, lapho ethokoza lawa mehlo ayisikhombisa kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukubona umthofu wokumisa esandleni sikaZerubabele, na?”


kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka