Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 3:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ISango Lezinhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasenawa; abeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 ISango Lenhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasena. Afaka imishayo namasango ezindaweni zakho, afaka imigoqo nezihluthulelo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kodwa iSango Lezinhlanzi lakhiwa amadodana kaHasenaha, futhi babeka imishayo yalo, bamisa izicabha zalo, izihluthulelo zalo nemigoqo yalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 3:3
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Emva kwalokho wakha ugange olungaphandle komuzi kaDavide ngasentshonalanga kwaseGihoni esigodini kuze kube sekungeneni kweSango Lezinhlanzi; walihaqa i-Ofeli, waliphakamisa kakhulu; wabeka izinduna ezinamandla emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda.


abantwana baseSenawa; yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha namashumi amathathu.


nangenhla kweSango lakwa-Efrayimi, naseSangweni Elidala, naseSangweni Lezinhlanzi, naseMbhoshongweni KaHananeli naseMbhoshongweni KaHameya, kwaze kwaba seSangweni Lezimvu; bema eSangweni Letilongo.


kanye nencwadi ku-Asafa umlindihlathi lenkosi ukuba anginike imithi yemishayo yamasango enqaba ehlangene nethempeli, neyongange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo.” Inkosi yanginika lokhu ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami esasiphezu kwami.


Eceleni kwabo kwalungisa uMeremoti, indodana ka-Uriya kaHakhosi. Eceleni kwabo kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya kaMeshezabeli. Eceleni kwabo kwalungisa uSadoki indodana kaBahana.


ISango Elidala lalungiswa nguJoyada indodana kaPhaseya nanguMeshulamu indodana kaBesodeya, babeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.


Kwathi lapho oSanibalati, noThobiya, noGeshemi wase-Arabiya, nezinye izitha sebezwile ukuthi ngivusile ugange nokuthi akusasele sikhala, noma ngaleso sikhathi ngangingakamisi izivalo emasangweni,


Kwathi lapho ugange selwakhiwe, sengimisile izivalo, futhi kubekiwe abalindisango nabahlabeleli namaLevi,


abantwana baseSenawa: yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amathathu.


Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango; ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.


“Ngalolo suku,” usho uJehova, “kuyakuba khona izwi lokukhala, livela eSangweni Lezinhlanzi, nokuhhewula, kuvela eNxenyeni Yesibili, nokufahlazeka okukhulu, kuvela emagqumeni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka