Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 2:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Inkosi yathi kimi, inkosikazi ihlezi eceleni kwayo: “Uhambo lwakho luyakuba yisikhathi esingakanani, nokubuya kuyakuba nini na?” Kwaba kuhle-ke enkosini ukuvuma ukuba ngihambe; ngayitshela isikhathi esithile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Inkosi yathi kimi, nendlovukazi ihlezi eduze kwayo: “Uyohamba isikhathi esingakanani, futhi ubuye nini na?” Kwayithokozisa inkosi, yase ingivumela, nganquma isikhathi engiyobuya ngaso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Inkosi yasisithi kimi (indlovukazi yayihlezi layo): Uhambo lwakho luzakuba ngakanani? futhi uzobuya nini? Ngakho kwaba kuhle enkosini ukungithuma; ngase ngimbeka isikhathi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 2:6
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngicela, Nkosi, ukuba indlebe yakho izwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezithokoza ngokwesaba igama lakho, uhlahlamelise inceku yakho namuhla, uyinike umusa emehlweni alo muntu.” Bheka, ngangingumphathisitsha wenkosi.


Kepha kukho konke lokho ngangingekho eJerusalema, ngokuba ngomnyaka wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi yaseBabele ngaya enkosini; nangasekugcineni kwezinsuku ngacela enkosini,


Yayisithi inkosi kimi: “Ukhala ngani?” Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu.


Ngathi enkosini: “Uma kukuhle enkosini, uma inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, ungivumele ukuba ngiye kwaJuda emzini wamathuna awobaba ukuba ngiwuvuse.”


Futhi kusukela osukwini engamiswa ngalo ukuba ngibe ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda, kwasemnyakeni wamashumi amabili kuze kube semnyakeni wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi, iminyaka eyishumi nabili, mina nabafowethu asidlanga isinkwa sombusi.


Abavela kuwe bayakwakha izincithakalo ezindala, ubuye wakhe izisekelo zezizukulwane ezidlulileyo, ubizwe ngokuthi uMvalisikhala noMlungisi wemikhondo ukuba kuhlalwe khona.


Bayakwakha izincithakalo ezindala, bavuse izindawo ezichithekileyo zakuqala, balungise imizi ebhujisiweyo, izindawo eziyihlane izizukulwane ngezizukulwane.


Kuyakuthi bengakangibizi, mina ngiphendule; besakhuluma, mina ngiyakuzwa.


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, izitaladi zalo nogange lwalo, amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka