Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 13:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha kukho konke lokho ngangingekho eJerusalema, ngokuba ngomnyaka wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi yaseBabele ngaya enkosini; nangasekugcineni kwezinsuku ngacela enkosini,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Ngaleso sikhathi ngangingekho eJerusalema, ngokuba ngonyaka wama-32 wokubusa kuka-Arithahishashitha, ngabuyela kuye ngayombikela ngokwakwenzekile. Emuva kwesikhathi ngacela imvume enkosini,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha phakathi naso sonke leso sikhathi ngangingekho eJerusalema, ngokuba ngomnyaka wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi yaseBabele ngafika enkosini, emva kwezinsuku ezithile ngathola imvume enkosini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 13:6
7 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wayebathokozisile, waguqulela inhliziyo yenkosi yase-Asiriya kubo ukuba kuqiniswe izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Kwathi ngenyanga kaNisani ngomnyaka wamashumi amabili ka-Aritahishashita inkosi, iwayini liphambi kwakhe, ngaliphakamisa iwayini, ngalinika inkosi. Ngangingazange ngibiphe phambi kwayo.


Futhi kusukela osukwini engamiswa ngalo ukuba ngibe ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda, kwasemnyakeni wamashumi amabili kuze kube semnyakeni wamashumi amathathu nambili ka-Aritahishashita inkosi, iminyaka eyishumi nabili, mina nabafowethu asidlanga isinkwa sombusi.


Abantu sebebone ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Vuka usenzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo, umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.”


kepha abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, samuka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka