Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 7:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili, ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke; nophilayo makakubeke enhliziyweni yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Kungcono ukuya endlini yabalilayo, kunokuya endlini lapho kunedili khona, ngokuba lokho kuyisiphetho sabo bonke, abaphilayo mabakugcine lokhu enhliziyweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili; ngokuba lokhu kungukuphela kwabantu bonke; ophilayo uyakukubeka enhliziyweni yakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 7:2
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Sifundise, Nkosi, ukubala izinsuku zethu, sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.


Ohlakaniphileyo unamehlo ekhanda lakhe, kepha isiwula sihamba ebumnyameni; nokho ngabona ukuthi umehlo munye wehlela bonke.


Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nokwesiwula kuze kube phakade, lokhu ezinsukwini ezizayo konke kuyakube sekukhohlakele. Nohlakaniphileyo akafi njengesiwula na?


Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane, into inye ikwehlela kokubili: njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu; kunomphefumulo munye, umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize.


Konke kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.


Yebo, noma ephila iminyaka eyinkulungwane ephindwa kabili, engaboni okuhle, abayi bonke endaweni inye na?


Konke kungabehlela bonke, olungileyo nomubi, omuhle nohlambulukileyo nongcolileyo, onikela ngomhlatshelo nongenawo umhlatshelo, omuhle abe njengesoni, ofungayo njengowesaba isifungo.


Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona, andukuba baye kwabafileyo.


Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho, futhi abasenawo umvuzo, ngokuba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele.


Wathi wena: ‘Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo.’ Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga ukugcina kwazo.


“Awuyikungena endlini yedili ukuba uhlale nabo, udle, uphuze.


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.


Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.


Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe, abale okwesine kuka-Israyeli, na? Mangife ukufa kolungileyo, nokuphela kwami makube njengokwakhe.”


Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa.


Sengathi nga behlakaniphile ukuba bakuqonde lokho, bazindle ngokugcina kwabo.


wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho.


abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.


Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka