Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 10:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izimpukane ezifileyo zenza amafutha omthaki ukuba anuke, abile; kanjalo ubuwula obuncane bulingana nokuhlakanipha nodumo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Izimpukane ezifile zenza amakha abe nephunga elibi; kanjalo nobuwula obuncane buyakwedlula ukuhlakanipha nodumo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Izimpukane ezifileyo zenza amafutha omgcobo akhiphe iphunga elibi; kanjalo nobuwula obuncane kowaziwa ngokuhlakanipha nodumo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 10:1
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJehu, indodana kaHanani umboni, waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: “Usiza yini ababi, uthanda abamzondayo uJehova na? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.


Akonanga ngalokho uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli na? Phakathi kwezizwe eziningi kwakungekho nkosi enjengaye; wayethandekile kuNkulunkulu wakhe; uNkulunkulu wambeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; nokho abesifazane babezizwe bamonisa naye.


Wayeqashelwe lokhu kokuba ngesabe, ngenze kanjalo, ngone, babe nombiko omubi, bangijivaze.


Ngokuba manje iyasinda kunesihlabathi solwandle; ngalokho amazwi ami ayengukubheda.


Uwenze amafutha angcwele okugcoba amakha athakiweyo njengokwenza komthaki, abe ngamafutha angcwele okugcoba.


Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, ngokuba oyedwa owonayo angachitha okuhle okuningi.


Uma umuntu ephethe inyama engcwele emphethweni wengubo yakhe, ethinta ngomphetho wakhe isinkwa, noma ukudla, noma iwayini, noma amafutha, noma yikuphi ukudla, kuyakuba ngcwele na?’ ” Abapristi baphendula bathi: “Qha.”


Wayesethi uHagayi: “Uma ongcolile ngesidumbu ethinta noma yikuphi kulokhu, kuyakungcola na?” Abapristi baphendula bathi: “Kuyakungcola.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka