Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 1:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona, nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa; akukho okusha phansi kwelanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Okwake kwaba khona, kuyobuye kube khona, nokwake kwenziwa kuyobuye kwenziwe. Ayikho into entsha phansi komthunzi welanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Okwakukhona yikho okuzakuba khona; futhi okwenzekayo yilokho okuyokwenziwa; futhi akukho okusha phansi kwelanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 1:9
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kukhona yini into okuthiwa ngayo: “Bheka, intsha le.” Yayikhona nasemandulo ayengaphambi kwethu.


Ngase ngiphenduka ukuba ngibone ukuhlakanipha, nokuhlanya, nobuwula, ngokuba angenzani umuntu olandela inkosi ngaphandle kwalokho okwenziweyo ngaphambili na?


Lokhu okukhona yikho okwakukhona, nalokhu okuyakuba khona kade kwakukhona; uNkulunkulu ufuna okudlulileyo.


Okukhona kwake kwabizwa ngegama; kwaziwa ukuthi umuntu uyakuba yini; akanakwahlulelana nonamandla kunaye.


Ungasho ukuthi: “Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala zazizinhle kunalezi na?” Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha.


Bhekani, ngiyakwenza okusha; kuyakuqhamuka manje, angithi niyakwazi na? Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi.


Koze kube nini uhambahamba wena ndodakazi ehlubukayo na? Ngokuba uJehova udalile into entsha emhlabeni: owesifazane uyakuyihaqa indoda.”


Kepha kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo;


Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.


Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: “Bheka, ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, aqinisile.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka