Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 7:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova, ngokuba ngonile kuye, aze amele indaba yami, angenzele ukwahlulelwa, angiphumisele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Ngiyakubhekana nolaka lukaSimakade, ngokuba ngonile kuye, aze alumele udaba lwami, angenzele ubulungiswa, angikhiphele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngiyakuthwala ukufutheka kukaJehova, ngokuba ngonile kuye, aze angiphendulele indaba yami, anginike ubulungisa; Uyongikhiphela ekukhanyeni, futhi ngiyobona ukulunga kwakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 7:9
36 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wathi kuJehova, lapho eyibona ingelosi eyayibabulala abantu: “Bheka, mina ngonile, ngenzile okubi; kepha lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa.”


Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.


kakhulu kangakanani, lapho uthi awumboni nokuthi, noma icala liphambi kwakhe, usamhlalela, na?


Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho.


Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya, nokufanele wena njengemini.


Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa, ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.


Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela.


Ngokuba ukulunga kuyakubuyela ekwahluleleni, bonke abaqotho ngenhliziyo bakulandele.


Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo; emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola; ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe; ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.


ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, ukhiphe iziboshwa etilongweni nabahlezi ebumnyameni etilongweni.


Ngiyakusondeza ukulunga kwami, akukude, insindiso yami ayiyikulibala; ngibeka insindiso eSiyoni nodumo lwami kwa-Israyeli.


isho kanje iNkosi yakho uJehova noNkulunkulu wakho emela indaba yabantu, ithi: “Bheka, ngiyithathile esandleni sakho indebe yokutengezela; yebo, isitsha sendebe yokufutheka kwami awusayikusiphuza.


Usho kanje uJehova, uthi: “Gcinani ukwahlulela, nenze ukulunga, ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike, nokulunga kwami ukuba kwambulwe.


Maye kimina ngenxa yokulimala kwami! Ukushaywa kwami kunzima. Kepha ngithi mina: “Nempela lokhu kulusizi lwami, ngiyakuluthwala.”


Noma izono zethu zifakaza ngathi, sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho; ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi, sonile kuwe.


“UJehova uvezile imfanelo yethu; wozani silande eSiyoni umsebenzi kaJehova uNkulunkulu wethu.


“UJehova ulungile, ngokuba ngihlubukile izwi lakhe. Ake nizwe, bantu bonke, nibone ubuhlungu bami. Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.


nami ngahamba ngiphambene nabo, ngabayisa ezweni lezitha zabo; uma-ke izinhliziyo zabo ezingasokile zithobeka, besamukela isijeziso sobubi babo,


Bese nibuya, nahlukanise abalungileyo nababi, abamkhonza uNkulunkulu nabangamkhonziyo.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.


sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baprofethi; ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


UJehova makabe ngumahluleli, ahlulele phakathi kwami nawe, abheke, angimele, angikhulule esandleni sakho.”


UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova omele indaba yehlazo lami esandleni sikaNabali, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali ekhanda lakhe.” UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.


UDavide wathi: “Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya, noma kufika nje usuku lwakhe lokufa, noma ehlela empini, abhubhe.


USamuweli wayesemtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “NguJehova; makenze okuhle emehlweni akhe.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka